UNGENA uyagamanxa kwithelevishini uMondli Mzizi njengoba esezoba nohlelo oluthi yena kwiMoja Love.
UMondli ongusomahlaya uveze ukuthi uzokwethula uhlelo oluzobe luvumbulula osomahlaya abasha lukhombisa nabadala.
Lezi zindaba uziveze ekhasini lakhe leTwitter lapho ethe uzodalula khona imininingwane ephelele maduze.
Ekhuluma naleli phephandaba uthe maduze abantu bazobona ithalente lakhe lokwethula izinhlelo.
“UNkulunkulu ulokhu engibusisa ngamathuba okuvela kuthelevishini. Bengisajatshuliswe wukusebenza nobaba uMadlanduna uMagic Hlatshwayo kwiJudge Khambule sekuvela lokhu. Okungijabulisa kakhulu ngeJudge Khambule wukuthi olwamahlaya nokuyinto vele engiyenzayo futhi noThenjiwe uyasinikeza ithuba lokuthi sizinongele nendawo yethu esiyidlalayo,” kusho uMondli.
Uthe ukuba kulolu hlelo kumenze wakuthanda ukuvela kwithelevishini yize ake alunguza esiqeshini esisodwa soZalo.
“Ngithathe iDVD yami ngayiyisa kubaphathi ngethemba lokuthi bazoyidlala, bayithanda kodwa bathi bangicabangela olunye uhlelo. Uhlelo engizolwethula yiSekunjalo Show, luzobe lunikeza ithuba osomahlaya abasakhula ukuthi bazibonakalise nokuthuthukisa asebevele benegama. Kuzobonakala noSphe Cele waKwaNdengezi futhi kuzophinde kudlale nomculo khona. Kungenzeka uhlelo luqale ngenyanga ezayo,” kuchaza uMondli.
IDVD yakhe wayiqopha bukhoma ePlayhouse ngo-Agasti wonyaka odlule lapho eqhulula khona amahlaya yedwa.
Uthe useyayithanda ithelevishini ngenxa yokuthi abantu abaningi bayayibuka nokuzokwenza ubuso bakhe bujwayeleke, abantu bamazi kalula.
“Nemali yokuqashwa iyakhuphuka,” kusho yena ehleka engafuni ukusho ukuthi uqashwa ngamalini.
Uqhube wathi * -2018 umphethe kahle ngokuqashwa ngoba akasatholakali ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
“Ngeke ngiqambe amanga ngibe nonyaka omuhle. Abantu bangiqasha kusenesikhathi ngihlele kahle. Ngempelasonto nje ngizoya eMpumalanga. Abantu bangangithola phakathi nesonto kuphela noma ngeSonto hhayi ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.”