KUBUKEKA zizoxazululeka izinkinga zemali ezibhekene nenhlangano esakazela umphakathi, iSABC njengoba uNgqongqoshe wezokuXhumana kuleli uNkk Nomvula Monkonyane ememezele izindaba zokuthi bazoyinika imali
enguR1.2 billion.
Le mali ungqongqoshe uthe bazoyiboleka emabhange ahlukene ukuze isize lapho kudingeka khona kule nhlangano.
Kwenzeka lokhu nje, abasebenzi bomdlalo Uzalo, bame isonto lonke bengasebenzi ngenxa yokuthi inkampani ekhiqiza lo mdlalo iStained Glass TV, ibingenye yezingakhokheliwe.
Kodwa ngoMgqibelo, abasebenzi balo mdlalo bakhokheliwe nokugcine ngokuthi babuyele emsebenzini ngoMsombuluko baqhubeka nokuqopha.
Omunye umdlalo okuvele ukuthi kuzokhokhelwa abasebenzi bawo, obuqoshwa eShowe, nabo obuzokhonjiswa kuSABC 1, Uselwa.
Lo mdlalo wamiswa ngenxa yokungaholelwa kwabasebenzi.
Kuwo kuvele ukuthi imiholo yabo bazoyithola ngoSepthemba 10.
Okungacaci ngawo ukuthi uzoqhubeka yini uqoshwe njengoba kwama yonke into, kungakaqedwa.
UNkk Monkonyane uthe, iSABC isesezinkingeni zezezimali njengoba ilahlekelwe uR622 million onyakeni wezimali ophele ngoMashi.
Uthe onyakeni wezimali ka-2016/17, iSABC ilahlekelwe uR977 million.
“I-SABC inikwe amandla okuboleka imali efinyelela kuR1.2 billion.
“Umcwaningi mabhuku jikelele uveze ukuthi inkinga yakwaSABCy into eqhubekayo futhi esabakhathazile.
“Ibhodi lakwaSABC nezikhulu zakhona zinike ikomiti lasePhalamende lezokuXhumana umbiko ngesimo sezimali samanje.
“Kulowo mbiko basinike isiqinisekiso sokuthi abasebenzi bonke bazohola,” kuchaza uNkk Monkonyane.
Uthe zonke izinkampani ezisebenza kule nkampani ezingakakhokhelwa imali yazo sekuxhunyenwe nazo futhi isikhona inqubekela phambili.