UMMELI kaMampintsha usegeze izandla ngaye ngemuva kokuthi ehluleke wancama ukumthola ukuze avele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesibili, lapho kugunyazwe khona incwadi yokuboshwa kwakhe.
UMampintsha usolwa ngokushaya intombi yakhe uBabes Wodumo naye okukhishwe incwadi yokuthi aboshwe ngemuva kokuthi engafikanga enkantolo.
Egcina ukuvela uMampintsha ngenyanga edlule, uBabes ongummangali, akafikanga, kuthiwa uyagula. IMantshi uNkk Pillay yathi kumele afike nencwadi kadokotela.
Ummeli kaMampintsha uPat Magwaza ofike enkantolo ngemuva kuka-11 ngoLwesibili ekuseni utshele imantshi ukuthi ubexhumana nomshushisi uNdoda January ngokuthi uzofika ngemuva kwesikhathi.
“Ngihambe ngaya endlini yomsolwa ngiyobabheka nommangali ukwenza isiqiniseko sokuthi bayeza enkantolo. Bekungabo-8.30 kanje. Kukhona engimtholile othe balele. Ngithe ngizoya mina siqu sami,” kusho uMagwaza.
UMagwaza uqhube wathi: “Ngithe ngifika kwakhona owesifazane ovule isango. Ngikhulume naye kodwa angibabonanga. Ngichithe cishe imizuzu engu-30. Lona wesifazane ungitshele ukuthi bebesebenza kwaze kwaba yisezintatha estudiyo.”
Uthe utshelwe ukuthi bandawonye. UMagwaza uthe ngenxa yalokhu “kungaba kuhle ukuthi ngisule kuleli cala”.
Umshushisi uthe akukho okubhalwe phansi okuqinisekisa ukuthi uMampintsha noBabes baziphothulile izithangami zokwelulekwa wosonhlalakahle beFamily and Marriage Society of South Africa (Famsa).
“Ngikholwa wukuthi sebeqedile kodwa anginaso isiqiniseko esibhalwe phansi,” kusho uJanuary.
Ngokwedlule imantshi yathi icala lizoqulwa uma bengazithameli lezi zithangami.
Ibe isigunyaza incwadi yokuboshwa kwabo ngokuhluleka ukuvela enkantolo.
UMampintsha noBabes bake bazifanisa noBonnie noClyde ababeyizithandani zase-USA ezaziyizigelekeqe ezazingawuhloniphi umthetho.