USEKULINDELE ngabomvu ukuqala ukupheka ifilimu yakuleli umlingisi ozakhela ugazi emhlabeni osanda kubonakala kwiStar Wars, uJohn Boyega.
Lo mlingisi umemezele ekhasini lakhe ku-Instagram ukuthi uzophrojusa ifilimu yakuleli iGod Is Good eyi-crime thriller.
Ngaphezu kwalokho, uBoyega osesungule isitebele somculo i-UpperRoom Records, uyena ozodidiiyela umculo ozodlala kule filimu.
Ngokwe-website yezindaba zamafilimu, iHollywoord Deadline, le filimu izoqoshelwa eCape Flats, eKapa.
View this post on Instagram
A post shared by John Boyega(@johnboyega) on Jan 15, 2019 at 5:15am PST
UBoyega uzobe esebenzisana nabakhiqizi bamafilimu base-UK iBandit Country kanye nomqondisi wamafilimu wakuleli, uWillem Grobler, owake washaya into ecokeme ngefilimu emfishane i Hum.
I God Is Good ilandela impilo yeginsa eselishintshile laba umfundisi kanye nephoyisa elizithola lilandela icala elishubile.
Ngokwephepha-bhuku iVariety, umrepha wakuleli uYoungstaCPT usevumile ukuba yingxenye yamaciko azoqopha icwecwe lale filimu.
“Le filimu izosipha ithuba lokuthi sisebenzisane namaciko aseNingizimu Afrika, sikwazi ukuwabeka ezingeni lomhlaba,” kusho uBoyega osanda kudlala indawo ephambili kwifilimu i Pacific Rim: Uprising.