KUSOLWA isikhulu seWest Ink uMampintsha ngokugweva nemali ayeyikhokhelwe ukuba azonandisa emcimbini waminyaka yonke iSpring Tour Music Festival ebiseMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngokusho komhleli walo mcimbi uMnuz Sifiso Mthethwa, uMampintsha bekulindeleke ukuba azonandisa kanti nemali ayeyifunile engu-R20 000 ubeseyikhokhelwe yonke.
“Sakhuluma kahle noMampintsha sicela ukuthi azocula kulo mcimbi wavuma. Wathi ucela simkhokhele uR20 000, sangaba nankinga ngalokho,” kusho uMthethwa.
Uqhube wathi ngo-Agasti 31 bamkhokhela uR10 000 owawuhlukaniseke kabili kuwu-R7400 noR2600 ngoba babevumelene ngokuthi bazomnika uhhafu ngaphambi kokukhipha izikhangiso zomcimbi.
“Siphinde samnika uR10 000 ogcwele ngoLwesithathu olwedlule, yaphelela imali,” kuchaza uMthethwa. Isolezwe ngeSonto liwabonile amakhophi amarisidi aseFNB lapho kukhokhwe khona imali. Ngosuku lomcimbi bamlinde kwaze kwathi ngo-9 ebusuku wafona ethi abamthumele ubufakazi bokuthi bakhokhile ngoba akayiboni imali. Uthe kubaxakile lokhu ngoba bebezitshela ukuthi uyayibona imali uma ingena kwi-akhawunti yakhe.
“Ngenxa yokuthi besisemcimbini kube nzima ukuqala phansi siye ehhovisi ukuyolanda ubufakazi abebufuna ngoba sonke sasesisenkundleni emcimbini sinake wona. Sazitshela ukuthi uyeza kodwa wangafika,” usho kanje.
UMthethwa uthe bazama ukumfonela kodwa ucingo wayengasalubambi. Uthe isonto lonke bebemfonela, bethumela imilayezo ngisho ezinkundleni zokuxhumana kodwa engaphenduli.
Ukhale kakhulu ngalesi senzo sikaMampintsha wathi sabaqhatha nezethameli, zagcina zisuse umsindo futhi babukeka njengabantu abangethembekile.
“Ngoba ubone imali yethu ingabalulekile, sicela ayibuyise. Kubi lokhu akwenze kithina. Siyayidinga imali esamnika yona. Akathi eyeka umculo kodwa imali abe eseyikhokhile.”
Kulo mcimbi kwakukhona abaculi abafana noBabes Wodumo, Tipcee, Dladla Mshunqisi nabanye.
Imizamo yokuthola uMampintsha ukuba aphawule kayiphumelelanga ngenxa yokuthi izingcingo zakhe bezivaliwe. Kuthunyelwe imiqhafazo kodwa lutho ukubuyela entatheli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.