ZINCIPHILE izindlela ezibheke emicimbini nakwezobumnandi entokazini yaKwaZulu-Natal elingisa kwiSibaya, uJessica Nkosi.
Le ntokazi ithi ukuba wumzali kuyishintshe kakhulu njengomuntu, sekumenze izazi kangcono futhi yaba nentshisekelo entsha yokusebenza kanzima ukuze ibe wumama ozolethela indodakazi yayo ikusasa eliqhakazile.
UJessica usanda kuqokwa yinkampani edayisa izimoto ezidume ngokuphepha, uVolvo, njengenxusa lawo.
“Ukuba yinxusa enkampanini ekhiqiza izimoto zikanokusho ezinegama umhlaba wonke, kusho ukuthi kukhona nami engikwenzayo okubalulekile endimeni yezokungcebeleka."
Bekungekona okokuqala ukuthi uJessica aqokwe njengenxusa yinkampani esezingeni lomhlaba njengoba eyinxusa lezimonyo zabakwaClinique, okungenye yezinto athi namanje uma ezicabanga, uzibona esekhule ngempela futhi eya kude kule ndima.
Uthi lo nyaka uwubona umzela nezinto eziningi ezinhle empilweni yakhe.
Ngesikhathi leli phephandaba likhuluma naye, ubesanda kuthola izindaba zokuthi uzolingisa kwenye ifilimu ezoqoshwa kuwona lo nyaka.
“Kuzobe kungokokuqala ngqa empilweni yami ukuthi ngilingise efilimini. Ave ngijabule, kuthi angindize. Ngebhadi angikakwazi ukwenaba ngayo, njengoba ngisho nje, ngisanda kuthola,” kusho uJessica ezwakala ukuthi zimjabulisile lezi zindaba.
UJessica ukholwa wukuthi ukuba nendodakazi yikhona okumphushela ekutheni asebenze kanzima. Ukwesekwa wumndeni wakhe uthi yikhona okunye okumphushayo.
“Ukwazi ukuthi uma ngiyosebenza, indodakazi yami isezandleni eziphephile, kwenza ukuthi ngisebenze kahle ngokuzimisela. Nenjabulo yami uqobo isibaluleke nakakhulu ngoba indodakazi yami idinga umama ojabulile futhi onemali,” kuntela uJessica.
Mayelana nokunciphisa izindlela zobumnandi, uJessica uthi yingoba sekubalulekile ukuthi achithe isikhathi esiningi nendodakazi yakhe.
“Imicimbi engiya kuyona sengiyayikhetha. Sekumele kube yileyo ebaluleke ngempela futhi ezongingenisela imali. Ngeke ngiqambe amanga, imali isibaluleke kakhulu kimina njengoba sengiwumzali,” usho kanje.