NGILOKHU ngijeqeza njalo isikhathi ukuze ngingalenzi iphutha lokudlulwa yisikhathi okumele ngishayele ucingo ngaso uNimrod Nkosi.
Uma zithi-10.30 ngqo ezimpondweni, ngiyamshayela njengesivumelwano. Akalubambi. Ngithi angidlulise kancane isikhathi ngiphinde ngimzame futhi.
“Sawubona Ngcolosi,” kusho yena uma sengimshayela okwesibili.
Ngiyethuka ukuthi ngabe ungazelaphi ngoba phela angikhumbuli ngikhuluma naye phambilini kwazise ingxoxo le ngihlelelwe.
Uyangichazela ukuthi ungena emhlanganweni kodwa ucela ukungazisa uma eseqedile.
Zithe zibheke ku-12 wabe esengishayela. Inombolo yakhe angiyigcinile kwiselula yami kodwa ngenxa yeTrue Caller, igama lakhe livelile.
Yilapho kungikhanyele khona ukuthi kungenzeka naye ulibone kanjalo igama lami.
Yize kunjalo kodwa ungenze ngakhululeka, ubungafunga ukuthi ngikhuluma nomngani wami omdala.
“Sibonga ukuphila. Sibonga iNkosi ukuthi isigcinile,” kusho yena.
UNimrod (47) oseneminyaka eyibambile kwezokungcebeleka, waziwa ngokwethula izinhlelo okubalwa kuzo iJam Alley neLotto.
Ukuba kuthelevishini yiyona nto vele akhule eyithanda.
“Ngangifuna ukukhula ngibe uJohn Kani olandelayo. Ngangidlala izikeshi kusontos’kole.
“Ngafunda nezobuciko esikoleni futhi ngomusa weNkosi ngaba yikho engangikufisa.
“Ngibusisekile ngokwenza lokhu engikwenzayo.”
Ufundele ezobuciko eFederated Union of Black Artists Arts Centre (Fuba) eyasungulwa ngoSipho Sepamla nabanye.
Esenza unyaka wokugcina, yilapho athola khona ithuba lokujoyina iJam Alley.
“Izikhungo ezinjengoFuba siyazidinga emiphakathini yethu. Umuntu wasoPhongolo akumele ahambe ibanga elide ngoba efuna amathuba.
“Kuhle ukuthi imikhiqizo isikhona eThekwini kodwa sekumele baphumele nakwezinye izindawo. Nokuza eThekwini kumuntu osuka eMtshezi kuwumsebenzi,” usho kanje.
Ngesikhathi esekwiJam Alley yilapho aba khona nesandla ekuthuthukiseni abaculi okubalwa kubo uMzambiya, Msawawa noMshoza.
Kumanje wethula uhlelo, Utatakho kuMzansi Magic.
Bahambela izindawo belekelela abantu ukuthola ukuthi ngobani oyise babo bangempela.
“Ukuba kulolu hlelo kungifundise ukuthi imindeni inezinkinga zayo.
“Amagqubu awasizi muntu futhi wonke umuntu unelungelo lokwazi ukuthi ufike kanjani emhlabeni.
“Kule sizini entsha abantu kumele balindele ukufunda emaphutheni abanye. Thina sifika ngoba nakhu umuntu esephelelwe yithemba ukuthola iqiniso.”
Ngaphandle kokwethula izinhlelo uphinde abe ngumlingisi.
Uke abonakale kwiSibiya neThe Queen, wake wadlala kwiScandal!, The Wild neminye.
Ukulingisa uthe yikho afuna ukugxila kukho manje.
Uma ekhuluma, ukhulumela phansi futhi uphimisa amagama kuzwakale.
Ufuna futhi nokufundisa abantu abasha abasangena kwezikaqedisizungu ngobungozi obuhambisana nodumo.
UNimrod ushadelwe futhi unengane eyodwa eneminyaka emihlanu.
Ukholelwa kakhulu eNkosini uJesu.
“Ngithanda ukuzibukela amafilimu nomndeni wami nokubuka izindawo.
“Ngithanda nokuhamba nokuyoqwala izintaba ukuze ngigcine umzimba wami uphila.
Abantu bakudala babehamba futhi bedla kahle, yingakho babe nempilo.”
Uyazifela nangezemidlalo ikakhulukazi izimoto zomjaho iFormula 1 kanjalo nebhola.
Uthi uma ekhuluma, kuzwakale ukuthi yinto ayaziyo njengoba enomlando wezinkakha ezifana noSarel van der Merwe oyingwazi yezimoto zomjaho kuleli.
Ungumlandeli weKaizer Chiefs, e-England ulandela iManchaster United “engenzanga kahle kule sizini” kuthi eSpain athande iReal Madrid.