UMCULI wokholo uHlengiwe Mhlaba uthe ungumdobi wabantu nokuyingakho ehambela izindawo zobumnandi njengaseYadini Lounge.
UHlengiwe uthe usezohlale ecula kule ndawo yaseMlaza.
“Ngiyaya eYadini. UJesu usibizele ukuthi sibe ngabadobi babantu. Asiyi ezilwaneni kodwa siya kubantu abaphilayo abamdingayo uNkulunkulu,” kusho uHlengiwe.
Uthe usuke engayele ukuyophuza utshwala ngoba ukube uyafuna ngabe kade abuphuza.
Uveze nokuthi kukhona ingoma ayenze noDJ Tira kodwa yena ushaya umculo wakhe wokholo. Uthe baningi nabanye oDJ abafuna ukusebenza naye.
Uqhube wathi kulo nyaka uzokhipha i-albhamu entsha.
“Ngizokhipha i-albhamu engajwayelekile. Kukhona okuzobethusa abantu okungasho ukuthi ngiyasuka endaweni yokukholwa. Abantu abalalele izinhlamvu zomculo,” kusho yena.
Uthe uhlela nokwenza amakhonsathi amabili eThekwini naseGoli.
Ngaphambi kwalokho kodwa uveze ukuthi uzocula ihora lonke kwiPlatinum Hour emcimbini iKufeziwe Gospel Celebration. Lo mcimbi uzoba seMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngo-Ephreli 21.
“Yisikhathi sokuthi abantu babuyele kuNkulunkulu. Sibonga nokuthi uJesu wafela izono zethu.”
Okhulumela abahleli balo mcimbi, uSithembiso Zungu, uthe kulo nyaka bazobe begubha iminyaka emihlanu umcimbi wasungulwa.
“Izinga lizobe liphezulu futhi kuningi esikuhlelile okuzojabulisa abantu,” kusho uSithembiso. Uthe ngaphandle kukaHlengiwe abazobe benandisa ngoMalusi Mbokazi, Ntokozo Mbambo nabanye, kanti uhlelo luzobe luphethwe nguThulani Ga Ndlela, Phindi P nabanye.
Uthe bazobe begxumeke itende elimumatha abantu abangu-10 000 kodwa uma kunesidingo bazofaka elithatha 15 000.
Amathikithi omcimbi atholakala eComputicket ngoR150 kuthi iVIP ibe nguR500.