UMCULI kamaskandi uKhuzani, uthi usebaqashe bonke abaculi bakamaskandi abazonandisa emcimbini wakhe i#FillUpMosesMabhida, ozoba ngoMashi 30, eThekwini.
Uthe okwamanje ngeke awadalule amagama abaculi asebaqashile ngoba kusasele ukuthi basayine izinkontileka zokuqashwa kwabo ngaphambi kokuba abaveze.
“NgoMsombuluko azoqala ukudayisa amathikithi eComputicket. NgoLwesihlanu (Januwari 18) ngizoba nomhlangano nezinduna zabalandeli ngohlelo lomcimbi ukuze siqale ukuwumaketha. Ngosuku lomhlangano sizoqhamuka nohlelo oluzosisebenzela ukuwumaketha,” kusho uKhuzani.
Uthe izindlela ezisetshenziswe uCassper Nyovest ukumaketha owakhe ngesikhathi efuna ukugcwalisa iMoses Mabhida, ngeke akuqinisekise ukuthi naye uzosebenzisa zona.
“Uma sesinomhlangano sizobheka ukuthi indlela esizowumaketha ngayo izosisebenzela yini. Uma kungukuthi indlela uCassper Nyovest awumakethe ngayo owakhe sibona ukuthi izosisebenzela, nathi ngeke siqhele kuyona kodwa uma ingeke isisebenzele sizoyiyeka. Njengamanje zikhona izindlela enginazo zokumaketha umcimbi kodwa kulukhuni ukuthi ngizidalule singakahlangani. Lokho kungangifaka ngaphansi kwengcindezi uma kungukuthi azimukelwa wumhlangano sengiziveze emphakathini,” kusho uKhuzani.
Omunye wabagqugquyzeli balo mcimbi, uMthokozisi Zuma, uthe bazoqala ngokukhipha isitatimende abazosithumelela kwabezindaba ngohlelo lomcimbi.
“Sizoqhamuka nento yethu eyehlukile ngoba asifuni kubukeke sengathi sithathe izinto zabantu ngokumaketha umcimbi. Kumanje sesinalo uhlelo lokumaketha umcimbi kodwa ngeke siludalule emphakathini singakabi nomhlangano esizovumelana kuwona ukuthi sithathe izinqumo ezifanele. Engingakuqinisekisa nje manje ukuthi izinhlelo zomcimbi ziyaqhubeka futhi wonke umuntu osekomitini elihlela umcimbi unomsebenzi wakhe,” kusho uMthokozisi.
Okunye okuvelile ukuthi njengoba uKhuzani ezoba nomcimbi eMoses Mabhida, usezinze eThekwini kuze kudlule umcimbi.