UYAZIQHENYA ngegalelo afike lakhe endimeni yomculo kamaskandi, uKhuzani Mpungose (28), okuthe ngempelasonto emcimbini wamaDStv Mzansi Viewers Choice Awards, wahlabana ngendondo yeBest Artist.
UKhuzani ube ngowokuqala emculweni kamaskandi ukuqokwa kulo mcimbi, obuseSandton, eGoli.
Akugcini ngalokho, le nsizwa yaseMatholampunga, eNkandla, isike yanandisa emicimbini emikhulu okujwayeleke ukubonakala kuyo abaculi bekwaito, house neJazz kodwa kube yiyo kuphela emele umaskandi.
Ngemuva kokuhlabana ngale ndondo kulo mcimbi, ngibone kungcono ukuthi ngike ngikhulume nayo le nsizwa ngizwe ukuthi ingene kanjani kulo mculo.
Ngithole nokuthi yiziphi izingqinamba ebhekene nazo empilweni njengoba isiphila impilo efiswa abaningi futhi isizakhele igama kuleli.
Akubanga lula ukuyithola njengoba imatasa kodwa iphinde yathatha isikhathi eside ngempela ingixoxela ngokukhula kwayo.
UKhuzani uveze ukuthi ekhula akubanga lula empilweni ikakhulukazi sekushone abazali bakhe.
“Ngifunde ezindaweni ezehlukene eNkandla nasePitoli, kodwa isikole ngisiqedele ngo-2008, Esibhaka High khona eNkandla. Ekuqedeni kwami ngangifuna ukuba usonhlalakahle ngenxa yokuthi ngangifuna ukusiza izingane ezihluphekile njengoba namanje ngingafuni ukubona umuntu oswele ngiyathinteka kakhulu. Ngazama ukuthi ngifune uxhaso lwezimali zokufunda kwaNSFAS kodwa bangifuna uR800 owawungekho njengoba ngase ngisele nogogo kuphela. Izimali zikababa zathathwa unkosikazi wakhe omunye zonke wahamba nazo akangasishiya nalutho,” kusho uKhuzani.
Uthe ngenxa yokubona isimo sasekhaya wakhetha ukuyofuna umsebenzi eNkandla edolobheni, wawuthola esikhungweni esisiza abaswele, iSizani Outreach.
“Ngangihola uR900 ngenyanga, ngasebenza kuso izinyanga ezingu-9 kulesi sikhungo. Umculo ngase ngingenile kuwo ngisekhaya njengoba ngangicula vele, ngabona ukuthi kumele ngiye eGoli ngiyofuna amathuba angcono omsebenzi, kungekho ukuthi angiyofuna izinkampani zomculo ezingangisiza ngoba ikhono nginalo,” kusho yena.
EGoli uthe wafike wasebenza ebhusha, nagcina exoshiwe kulowo msebenzi ngemuva kokuwa nohlangothi lonke lwenkomo.
“Ngaleso sikhathi ngase ngingenwa umkhuba wokuthi kumaCD ngibheke izinombolo zabantu ababhalwe khona. Kula ngathola khona ekababa uShobeni Khuzwayo ophethe Izingane Zoma, ngamfonela ngamtshela ukuthi ngifuna ukucula. Ngenza konke lokhu nje ngiwunogada ngihola uR1800. UShobeni wangisiza kakhulu njengoba ngahlangana noMtshengiseni ngaqala ukusebenza,” kuchaza yena.
Uthe ngo-2013 kula aqala ukukhipha i-albhamu ethi yena aphinde ahambe noMtshengiseni emicimbini ehlukene.
“Ngangicula ebusuku, ekuseni ngiyosebenza ekubeni unogada. Noma ngicule emini ebusuku ngiyosebenza. Ngelinye langa umphathi wami waze wangishaya ngoba engifica ngilele. Ngangigibela nesitimela nokwathi abantu sebeqala ukungibona bangibingelele abanye bangibuze ukuthi yimi yini umculi kamaskandi, ngivume kwabanye kodwa kwabanye ngiziphike,” kuchaza yena.
Uthe wafunda lukhulu kuMtshengiseni ngendima kamaskandi.
“Wangitshela ukuthi uma abantu sebeqala ukubanga umsindo ngawe kula kuhamba kahle khona izinto futhi nempumelelo iseduzane. Ngakho nabantu uma besibona sixabana singomaskandi siphinde sijovane ezingomeni zethu iyona ndlela kulo mculo okukhulwa ngayo,” kuchaza yena.
Ebuzwa uKhuzani ukuthi wayezibona ela ekhona yini engena kulo mculo uthe, wayezama inhlanhla kodwa uNkulunkulu waba naye.
“Ngibonga uthando lwabantu kakhulu abangikhombise lona, lusho lukhulu kimi. Imfihlo yami ukuthi kumele uzisondeze kubantu ukuze bakuthande nabo. Ukuwina kumaDStv kungijabulisile kakhulu ngiyabonga kubona bonke abangivotele,” kuchaza yena.
Uthe ukuqumba phansi o-AKA, Shekhinah noLady Zamar akuyona into elula.
Ebuzwa ukuthi uphatheke kanjani abantu bekhala ngokuthi abamazi futhi uwine kanjani kulo mcimbi uthe, abantu bayohlala bekhala ngaso sonke isikhathi, yena ungumholi emculweni kamaskandi.
UKhuzani maduzane uzokhipha i-albhamu yakhe entsha ethi Inhlinini Yoxolo Part 2 naveze ukuthi abantu bazoyithanda kakhulu.
Le nsizwa iveze ukuthi ifuna ukuwushintsha futhi iwudumise kakhulu umculo kamaskandi kunalokhu oyikhona manje.
Uma ezihlalele engasebenzi, uKhuzani uthe uthanda ukubuka ibhola aphinde azosele inyama azidlele yona.
Ekhaya kubo uthe ungowesibili ezinganeni ezine kodwa umfowabo omdala sewadlula emhlabeni.
Ekhaya uthe kusekhona ugogo wakhe amthanda ngenhliziyo yakhe yonke.
Uthe uyazifela ngoZalo neSibaya njengoba ngezinye izinsuku ake adideke ukuthi abukeleni njengoba lezi zinhlelo zidlala ngesikhathi esisodwa.
Uveze ukuthi akanaye umakoti kodwa ukhona owesifazane asebudlelwaneni bezothando naye.