UKHUZA ibuya emdlalweni iThe Queen, uZolisa Xaluva, olingisa indawo kaDiamond kulo mdlalo.
Lo mlingisi uzobuya kulo mdlalo ngoLwesithathu oluzayo lapho ezofika khona atshontshe izidakamizwa zikaGracious (Rami Chuene).
UDiamond (Zolisa) uqale ukubonakala kulo mdlalo ngonyaka odlule lapho afikela emndenini waKwaMabuza, ezohlala nezingane zikamfowabo owayesanda kudlula emhlabeni uGoldfinger.
Indawo ayilingisayo ithandwe abaningi njengoba bekuhlala kukhulunywa ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bebeyithanda indawo ayilingisayo yomgulukudu wesigebengu abanye beyizonda.
Esiqephini agcina ukubonakala kuso wayebalekela amaphoyisa njengoba ayethumbe uThato (Xolani Mayekiso).
Njengoba ezobuya kulo mdlalo kubukeka izinto zizoshuba ngenxa yokuthi amaphoyisa asezithendeni zakhe futhi noThato uzizwa engaphephile ngokubuya kwakhe.
Okunye okuzogqama ukuthi kukhona umuntu osondelene nomndeni waKwaMaake azomthumba okuzokwenza uJerry alokhu elandelene naye efuna ukusindisa impilo yalowo osengozini.
Ukubuya kukaDiamond kuzophinde kususe impi phakathi komndeni wakwaKhoza nowkwaMabuza. Eziqephini ezizokhonjiswa kukhona la kuvela khona ukuthi baningi abazofa ngenxa yakhe uDiamond. Njengoba kuzoqala inyanga uJulayi kuzophela isizini yesibili yalo mdlalo kuqale eyesithathu ezoqala ukukhonjiswa ngoJulayi 30.