USAZIWAYO wakuleli uKhanyi Mbau unxusa uhulumeni ukuthi ayicabangisise eyokuvala ukudayiswa kotshwala, okungenani budayiswe ngezinsuku ezithile phakathi nesonto.
Uthi lokhu ukusho ukuze kusindiswe imisebenzi yabantu abasebenza ezinkampanini nasezitolo ezidayisa utshwala.
Kwi-video ayiqophe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana uKhanyi, uthe wenza lesi sicelo ngoba sekuseduze kuvulwe izikole futhi kukhona imindeni ethembele kubantu abasebenza ngotshwala.
“Ngikhathazekile nami ngabasebenzi bami njengoba ngingumuntu onotshwala bakhe abukhiqizayo. Yini mina engizoyenza ukusiza izimpilo zabo zibe ngcono ukuze unyaka odlule ungafani nalo esikuwona. Ngibona sengathi kumele kubukwe ngenye indlela kunokuthi utshwala buvalwe thaqa. Ngicabanga ukuthi ukuvula izinsuku ezimbalwa kungasiza ukuze abantu baphile,” kusho uKhanyi.
Just a thought #AlcoholBan #level3 pic.twitter.com/UpiDdFpWhT
— KHANYI MBAU (@MbauReloaded) January 6, 2021
Uthe abantu kumele baphuze bazibheke, ukuze kunqandeke ukwanda kwegciwane iCovid-19.
“Abantu abaphuzele emakhaya, bagqoke izafonyo bese beyeka ukuhambela imicimbi. Igciwane iCorona liyinto manje ehlukumeza imindeni ehlukene nelingadala izinkinga ezinkulu uma singaqikeleli,” kuqhuba uKhanyi.
Uphethe ngokuthi kumjabulisile ukungabikwa kwezingozi ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
Uveze nokuthi ngesikhathi sikaNcibijane bancane abantu ababengenabo utshwala emakhaya ngoba bavalwa abanye sebevele bebuthengile, nokuveza ukuthi abantu uma bephuzela emakhaya konke kungahamba kahle.