NAPHEZU kokuba sekuphele isikhathi esingaphezulu kwenyanga kwadlula emhlabeni isihlabani somculo wowokholo, uSfiso Ncwane, unkosikazi wakhe u-Ayanda uthi kufana nokuthi kwenzeke izolo.
U-Ayanda udalule lokhu izolo ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram lapho ebhale khona ukuthi usawezwa ngisho amakha esiqholo sikaNcwane.
“Sekudlule izinsuku ezingu-54 wangishiya myeni wami kodwa enhlizweni yami ngathi kwenzeke izolo. Ngisawezwa amakha esiqholo sakho, nezingalo zakho ungibambile njalo ekuseni. Ngabe kungcono ukube kukhona okungangichazela ngohambo engikulo njengamanje. Kodwa wathi kithi “Wethembekile Baba”, ngizobambelela emazwini akho sithandwa sami. Ulale ngokuthula,” kusho u-Ayanda.
U-Ayanda ubefake isithombe eseduze nethuna likaNcwane.
Ngemuva kombhalo wakhe amazwi enduduzo angene elakanyana kubalandeli bakhe okubalwa kubo nosaziwayo abehlukene.
A photo posted by Ayanda Ncwane (@ayandancwane) on Jan 24, 2017 at 3:29am PST
UNcwane udlule emhlabeni nyakenye ngoDisemba esibhedlela iLife Fourways Hospital emva kokuxinwa isifo sezinso.