UXOLISE ngengoma emndenini yezingane ezine azishayisa zashona umculi wakuleli ophume izolo ejele, iLeeuwkop, obesedonse iminyaka emine uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye. UJub Jub uphume ngoshwele nomngani wakhe abeboshwe naye, uThemba Tshabalala.
UJub Jub noThemba baboshwa ngemuva kukushayisa izingane ezine zesikole, ezazihamba emgwaqweni ziphuma esikoleni, laba bobabili babejahana bagcina behluleka ukulawula izimoto zaphuma emgwaqweni kwenzeka le ngozi.
Ekhuluma neSolezwe okhulumela uJub Jub nozibize ngoPublo uthe, ingoma ekhishwe yilo mculo ithi Tswarelo iqale ukudlala izolo eziteshini zomsakazo eziningi eGoli.
“UJub Jub akalitholanga ithuba lokuxolisa emindenini yezingane ezalimala ngosuku okwenzeka ngalo ingozi. Ngesikhathi yenzeka kwaphoqeleka ukuthi athathwe avalelwe,” kusho uPublo othe le ngoma uyiqophe engaphakathi ejele esebenzisana nengqalabutho emculweni, uTsepo Tshola wodumo lweSankomota.
“Konke okunye ngengoma sizokuxoxa uma sesibonana, abengakabi bikho amanye amalungiselelo okuqopha i-video kodwa yona ikhona isiyatholakala ngisho ezitolo,” kuchaza uPublo.
Akathandanga ukuphawula mayelana nokuthi uJub Jub uzoyibona kanjani indodana yakhe ayithola nomculi uKelly Khumalo. Uthe okuningi okuzokwenzeka bebengakakuxoxi kodwa ukuhamba kwesikhathi konke kuzohlala obala.
Engakaphumi ejele kodwa sezimenyezelwe izindaba zokuphuma kwakhe uJub Jub, unina wengane yakhe uKelly ekhuluma ohlelweni iBehind The Story: Kelly Khumalo kuMTV Base Africa wakubeka kwacaca ukuthi akafune lutho oluzomhlanganisa noJub Jub. Imizamo yokuthola uKelly mayelana nokuthi usamile yini emazwini akhe njengoba uJub Jub esephumile futhi kungenzeka afune ukubona indodana yabo, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.