UMCULI wase-Afrotainment uJoocy uthe uzokhipha i-albhamu yokugcina nale nkampani bese ethatha isinqumo ngekusasa lakhe.
Lo mculi oseneminyaka ekhona kule nkampani kaDJ Tira, usekhiphe ama-albhamu amabili okuyiDefinition of Soul yango-2010 neLove & Dance yango-2016.
“I-Afro ayiphushanga kahle omabili ama-albhamu ami. Abanye engihlangana nabo bathi abawazi ama-albhamu ami. Inkampani kwakumele yenze iqhinga lokuphusha,” kusho uJoocy.
Uthe useyikweleta i-albhamu eyodwa i-Afro bese eyanquma ukuthi ufuna ukwenzani.
“Sizobona noMakoya (DJ Tira) ngemuva kwayo ukuthi sizokwenzani noma ngisazofuna yini ukuqhubeka. Ngizothatha isinqumo noma kusuka lapho sengizozimela. Angifuni sihlukane kakhulu ngoba ngisazofuna ukuncela ulwazi ngibuze uma kukhona lapho ngingaboni khona,” kuchaza uJoocy.
Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi uzoyidedela nini i-albhamu yakhe.
UDJ Tira ngesikhathi eveza uhla lwabazokhipha kulo nyaka enkampanini yakhe, belingekho igama likaJoocy.
Uzibale yena, uPrince Bulo, Tipcee, Naak Musiq nomculi omusha uMduduzi.
UJoocy uthe okwamanje usakhipha izingoma ezihamba ngazodwa.
“Ngiqale ngakhipha uThandekile, ngeza ngoThath’inhliziyo ngase ngikhipha Umzimba Onemali njengoba sengikhiphe iNgenzenjani?.”
Uthe le ngoma ididiyelwe nguPrince Bulo futhi isiqalile ukutholakala ezitolo zomculo ze-internet.
“Ingoma yothando ekhuluma ngabantu ababili abathandanayo. Manje lona omunye umfuna eseduze kwakhe ngaso sonke isikhathi. Kwesinye isikhathi akamtholi ocingweni kungekhona ukuthi uyamgangela kodwa wukuthi uhlala kude.”
Uthe akabhali ngaye kodwa ubhala ngabantu ababonayo noma ngabe yikuthelevishini.