INSIZWA ezakhele igama eqenjini iJoyous Celebration, uSbu Noah, ikufanisa nesibusiso ukuba sohlwini lwabaculi abahlanu emhlabeni izingoma zabo ezihamba phambili ku-iTunes.
Ingene kulolu luhlu nge-albhamu yayo ethi A David Kind of Psalm.
USbu uqophe le albhamu ngesikhathi esisodwa neDVD ekupheleni konyaka odlule ePlayhouse. Iqukethe izingoma eziwu-23.
Ekhuluma ngalokhu uSbu uthe, akukona nje kuphela lokhu okumjabulisayo kodwa emasontweni adlule uthole ukuthi ube wumculi wokuqala wokholo ukuba sendaweni yesibili kumaYou Tubes Charts Top Trendings List, ngenxa yokuthi abantu bebeyilalela kakhulu.
“Maduzane nje uma sesibheke ePhasikeni kuzophuma iDVD ye-albhamu efanayo. Kule albhamu kunezingoma ezehlukene engingangabazi ukuthi zizosukumisa abaningi uma zidlalwa. Ngiwumuntu owucula ngezindlela ezehlukene umculo wokholo. Ngibone kungcono ukuthi abantu ngiqhubeke nokubaculela ngendlela abajwayele ukungizwa ngayo kuJoyous kodwa futhi ngiphinde ngibazwise olunye uhlangothi abangalwazi ngami emculweni,” kusho uSbu.
Uthe wakhuthazwa yincwadi kaDavida eBhayibhelini eyamenza wasebenza kanzima, wakhipha le-albhamu enamaCD amabili anezingoma zokudumisa zodwa.
Uqale ngo-2012 wazakhela igama ngokucula izingoma okukhona kuzo ethi, We Bless Your Name nezinye.