UMCULI wakuleli osezakhele igama, uJabu Hlongwane uchaze amaKrestu aseNingizimu Afrika ngokuthi angabantu abanganamsebenzi walutho.
Uze wasebenzisa igama lesilungu ethi a-useless.
UHlongwane ubemenywe engqungqutheleni yeThekwini Community Church (ECC), eholwa nguMbhishobhi Vusi Dube.
Ubalule izinto athe zimenza abone ukuthi ayikho indaba yamaKhrestu eNingizimu Afrika.
Ukhale ngokuqhakambisa ukukholwa kwawo kuze kube sengathi yinto enkulu. Uthi asikho isidingo sokuthi umuntu okholiwe amemezele ngokukholwa kwakhe.
Uthe kuyishwa ukuthi sekwande amaKrestu agabisa ngensindiso. “Njengoba sewukholwa ngaphezulu kukaJesu nje, yini inkinga yakho. Kusemhlabeni lapha, yithi ukholwa kodwa ube uphumelela empilweni. Ungalibali ukudumisa ukukholwa ube ungenalutho,” usho kanje.
Ukukholwa ngokudlulele, uHlongwane uthe kwenza amaKrestu athithize. Uthe kunacabanga ukuthi ukukholwa kuchaza ukuhlonipha kakhulu, uthobe noma kungenasidingo.
Ukhale nangedimoni lokungazazi kwamaKrestu nokungazihloniphi kwawo, athe yikhona kanye okwenza amaKrestu abonakale engabantu abangenamsebenzi walutho.
“Yingakho nje nohulumeni wethu ungazihluphi nangokuthi kube khona okubuzayo kumaKrestu.Yingoba uyabona ukuthi ayikho into ongayithola kumaKrestu aseNingizimu Afrika,” kusho uHlongwane.
UMbhishobhi Dube uthe inhlosongqangi yale ngqungquthela bekuwukuzocija abazalwane, bakuqonde kahle kamhlophe ukubaluleka kokuzwakala kwezwi labo eNingizimu Afrika.
Ukhuze nesihlava esihlasele abesifazane athe bayagagamela bajahe ukugana bengakakulungeli.
Weluleke abesifazane ngokuthi bangajahi, kodwa abalinde isikhathi okuyisona sona sokushada. Ugcizelele nangokuthi kuhle abesifazane bakubeke eqhulwini ukuzithuthukisa kunokujaha ukushada.