UDIDE abaningi uViggy Qwabe ohoxise igama lakhe emncintiswaneni wokucula ama-Idols yize ebesedlulele kwiTop 5 yalomncintiswano.
Ukusala ngemuva kukadadewabo oyiwele uVirginia Qwabe ophume kwiTop 5 izolo kudale ukuthi uViggy athathe isinqumo sokushiya phansi lomqhudelwano. UVirginia akaphumelelanga ngenxa yokungawatholi amavoti anele ukuthi adlulele phambili.
Ngokwesitatimende esithunyelwe aboMzansi Magic, okuyisiteshi okudlala kuso ama-Idols, ophrojusa balolu hlelo baveze ukuthi uViggy uzicelele ukukhululwa kulo mncintiswano.
"Sifisela uViggy noVirginia Qwabe konke okuhle endimeni yomculo njengoba bobabili benethalente elimangazayo."
Amawele akwaQwabe, umndeni wawo, abamele ama-Idols nesiteshi sikamabonakude uMzansi Magic bahlangane ekupheleni komncintiswano izolo, ngesizathu sokudedela uViggy kulomncintiswano ngokusemthethweni.
Kusukela ekuqaleni kohambo lwamawele kuma-Idols, ayevele ecacisile ukuthi azimisele ukufinyelela emzuliswaneni wokugcina kulomncintiswano ecula ndawonye.
“UMzansi Magic ufisa ukwazisa bonke abalandeli bama-Idols ukuthi izinkundla zokuvota zivaliwe kulomzuliswano olandelayo futhi ngeke kube khona umculi ozokhishwa kwisiqephu sangeSonto,” kubhala uPhilly Kubheka okhulumela isiteshi.
Amanye amaciko adlulele kwiTop 5 kubalwa uMicayla, Nolo, Luyolo noSneziey.