LIZOSHONA elanamuhla selukhona uhlu lwezingoma ezingu-10 okuzokhethwa kuzo ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM.
Lokhu kuvezwe wumphathi siteshi woKhozi FM, uBonga Mpanza, ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba emcimbini walesi siteshi iNyus’iVolume eMnambithi ngoMgqibelo.
UMpanza uthe emasontweni edlule bebenohlelo lokuhlunga izingoma abantu abazokwazi ukukhetha kuzo ezohlukanisa unyaka. Uthe nabalaleli babe neqhaza ekukhethweni kwezingoma.
“Besidlala izikhangiso sicela abalaleli baveze uvo lwabo ngezingoma ezingu-10 ezingase zihlukanise unyaka,” kusho uMpanza.
Uthe ngemuva kokudalula uhlu abalaleli bazobe sebethola ithuba lokuvotela abayithandayo ezomenyezelwa phakathi kwamabili ngoDisemba 31.
“Uhla esizolumemezela kuzoba ngolwezingoma ezishisa izikhotha. Ngeke sithi sifuna ukubhalansisa izinhlobo ezehlukene zomculo. Ngeke siciciyele sithathe ingoma mhlawumbe yowokholo ngoba sithi sifuna ukuthi ohlwini lwethu kube nezinhlobo ezehlukene zomculo. Kuzoya ngokuthandwa ngabantu,” kuchaza uMpanza.
I-SABC, uKhozi olungaphansi kwayo, nayo inomkhankaso wayo wengoma ehlukanisa unyaka obizwa ngeSABC Summer Song.
Umsunguli womkhankaso, u-Owen Ndlovu, usanda kutshela leli phephandaba ukuthi owalo nyaka bazowethula maduze.
UMpanza uthe akafuni ukuphawula ngawo ngoba bona njengesiteshi baba nomkhankaso wabo.
UMpanza ubuye waveza nokuthi ngoDisemba 18 kuzobe sekuzwakala izinguquko ezinhlelweni zabo. Minyaka yonke baba nohlelo abalubiza ngeSiyayijika Lento lapho abasakazi besakaza izinhlelo abangazijwayele.