UCISHE washonela embhobheni esakaza umsakazi woKhozi FM uNkosinathi ‘Dr Love’ Mshengu ngenxa yokuhlaselwa yisifo sohlangothi.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kulo msakazo, uMshengu ubematasa ethula uhlelo lwakhe olusha olubizwa ngeNdonsa ngesikhathi ehluleka ukukhuluma.
“Uthe uyakhuluma wavele wahluleka kwaze kwasiza ukuthi adlale izingoma zilandelane. Uthe uyaphinda uyakhuluma, wavele washwashwatha, kwacaca ukuthi akusakhulumeki kahle,” kusho umthombo.
Ebuzwa uMshengu uvumile ukuthi ushaywe wuhlangothi ngakwesobunxele kangangoba umlomo wakhe utshekile futhi akukhulumeki kahle.
“Ngiqale ukuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle emzimbeni wami ngoLwesihlanu emini ngesikhathi ngizolungiselela izinhlelo zami zangempelasonto.
“Kukhona esihambe naye sayothenga ukudla. Sathi sisadla ngaphawula ukuthi kukhona okungahambi kahle emlonyeni wami ngoba bewuthanda ukuba ndikindiki,” kusho uMshengu.
Eqhuba uMshengu uthe ngemuva kwesidlo sasemini, iso lakhe livele lakhala amanzi kwaba sengathi lixhophekile.
“Bengilokhu ngizesula lezinyembezi kodwa ziqhubeka nokugobhoza, ngaze ngazitshela ukuthi ngiqalwa yisifo samehlo.”
Uthe akasolanga ukuthi uhlaselwa yisifo sohlangothi ngoba uyile ejimini ngoLwesihlanu.
“Indaba ize yenzeka ngoMgqibelo ngabo-2 ekuseni sengiqala ukusakaza lolu hlelo olubizwa ngeNdonsa ngoba kuvele kwavaleka ukukhuluma, ngaze ngasizwa ukuqhulula izingoma zeR&B zakudala zilandelana ukuze ngikhokhe umoya.
Kuthe sesidlulile leso sigaba, sekufanele ngikhulume emoyeni, yaqala inkinga. Nakhona ngize ngasizwa wukushintsha amazwi, ngisebenzise ibhesi. Luthe uma luphela uhlelo ngaqonda ekhaya ngazibuka esibukweni. Yilapho ngiqaphele khona ukuthi umlomo wami ususontekile.”
Uthe lobu bunzima buqhubekile ngisho esephumile emoyeni njengoba neso bese lifuna ukungaboni.
“Emcimbini kaDudu Khoza obuKwaMashu ngihluleke nawukudla. Ngiphoqelekile ukuba ngihambe ngoba bengingafuni abantu babone ukuthi ngiyagula. Ngize ngasizwa omunye umuntu ngokungikhothisa izihlungu nakuba ngiyakhuluma.”
Uthe usengcono kakhulu kunasekuqaleni futhi kungenzeka le mpelasonto imfice eseluleme ngokuphelele ngoba uyazelapha nangokwasentshonalanga.
Ngokwe-www.mayoclinic.org isifo sohlangothi sidalwa ukuphazamiseka kwegazi eliya engqondweni, ngokuphazima kweso ama-cells ayafa. Kubalulekile ukusisukumela lesi sifo ukunqanda ukukhubazeka. Siyelapheka futhi siyanqandeka. Umuntu ohlaselwe yilesi sifo ubonakala ngokuhluleka ukukhuluma, umzimba ube ndikindiki, akhubazeke ebusweni nasengalweni futhi ahluleke ukukhumbula. Kufanele asheshe abonane nodokotela uma ebona lezi zimpawu.