SIFUNA ukukhula ekulingiseni isilomo somdlalo owuchungechunge weSABC1, iGenerations: The Legacy, uThuli Phongolo oshiyayo kulo mdlalo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uThuli odlala indawo kaNamhla, uyahamba kulo mdlalo okhonjiswa njalo ngo-8 ebusuku phakathi nesonto.
Ngokusho komthombo ongashayi eceleni ongaphakathi kulo mdlalo ababhali bomdlalo abakasithathi isinqumo sokuthi uzohamba kanjani.
“Yena usazoke athi ukubonakala ngoba usaqopha,” kusho umthombo.
Kuthintwa okhulumela iGenerations: The Legacy, uGaaratwe Mokhethi, uthe ngeke aphike noma avume ukuthi uyahamba uThuli.
Yize kunjalo kodwa uThuli akazange ananaze uvele wakuqinisekisa ukuthi uyahamba.
“Ngiyokwenza ezinye izinto manje. Akukho okubi okwenzakalayo phakathi kwami nabadidiyeli. Bese kuyisikhathi sokuthi ngikhule,” kusho uThuli.
Uthe ufunde lukhulu kulo mdlalo, hhayi kuphela ngokulingisa kodwa nangokwenzeka kubadidiyeli.
“Bekuyindawo emnandi ukusebenza kuyo. Ngiyabonga kakhulu ngoba ngifike ngisemncane futhi ngijabule,” kuchaza uThuli.
Uqhube wathi ngeke akwazi ukudalula ukuthi yini azoyenza ngenxa yokuthi usenenkontileka kwiGenerations:The Legacy futhi usaqopha.
“Ngiyabonga kubantu ngokungeseka. UNamhla uyintombazane ethandekayo futhi uhlala njalo enodaba abantu okulula ukuthi baluzwe. Ngiyajabula ukuthi bamthandile abantu,” kusho uThuli.
Ngaphandle kokulingisa unguDJ, ozibiza ngoDJ Thuli P. Ungumsiki wengqephu unanezimpahla zakhe.
Leli phephandaba lihabule ukuthi ukhona nomunye umlingisi ongase ashiye maduze kulo mdlalo.