ABATHANDI bomculo we-jazz abakhonze ukuhambela izindawo zayo bafike baphuze notshwala, kuzomele behlise umoya endaweni kaMbhishobhi Vusi Dube we-ECC, iGallery of Faith Restaurant.
Le ndawo engaphezu kwesonto likaDube eThekwini, ihlonzwe njengekhaya lomculo we-jazz ne-fusion. Ivumela abantu ukuthi bazozipholela kodwa bangabulokothi utshwala.
Imeneja yakule ndawo, uMbuso Xhakaza, ithe yize kuyindawo yokuphola futhi evumela wonke umuntu kodwa abagudluki emgomweni wabo wokungabudayisi utshwala kuyona. Uthe akuvumelekile ukuzophuza kuyona.
“Akhona amawayini angenatshwala adayisa ngaphakathi. Ngokuhamba kwesikhathi sizodayisa nobhiya ongadakani. Yize kuyindawo evumela wonke umuntu ukuthi angayisebenzisa njengoba ibuye iqashwe ngabantu abafuna ukuba nemicimbi kodwa utshwala asibuvumeli,” kusho uMbuso.
Unkosikazi kaDube, uDkt Taki Dube uthe abasho ukuthi abantu abaphuzayo abavumelekile kodwa ukuphuzela khona okungavumelekile.
“Inhloso yayo ukuthi abantu bazozipholela,” kusho uDkt Dube.
UXhakaza uthe yize le ndawo incikene nesonto kodwa ngeke iphazamiseke inkonzo uma kunomcimbi okhona.
“Inkonzo ivamise ukuthi iphume ngo-11 ekuseni bese kuqala umcimbi e-restaurant. Uma kuzoba nomshado kulukhuni ukuthi singathi awulinde kuze kuphume inkonzo kodwa siba nohlelo lokuthi ukwazi ukuqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka kwenkonzo.
“Kuba nendawo esiyivalayo ukuthi umsindo owenzeka khona nosesontweni ungashayisani,” kuqhuba yena.
Uthe noma ngabe abantu abafuna ukuqasha indawo beza nemali enkulu kanganani ukuze bangene notshwala, ngeke babavumele.
Uthe ziningi izindawo eziphumelelayo ngaphandle kotshwala. Uthe abantu beNkolo yobuKrestu sebenendawo yabo ngoba ngeke besazimpintsha ezindaweni ezinotshwala.
NgoMashi 11 kuzonandisa iqembu le-jazz Indibano lihamba noNathi Mankayi ongumculi we-Afro soul. Kungenwa ngoR200 ohlanganisa nokudla.