UTUSA uBlack Coffee ngokumfukula emculweni uDJ Kabila obona izinto zakhe zikhanya kule ndima njengoba ethi ingoma yakhe, asanda kuyikhipha nayinika yena ukuthi ayidlale phesheya kwezilwandle, iholele ekutheni amenywe ukuyonandisa khona.
Injabulo ibizwakala ukuthi iyaphuphuma kuKabila, oseneminyaka engaphezu kwengu-25 enguDJ.
UKabila, ogama lakhe langempela nguSiyanda Makanya, nosezinze eThekwini, ukhulele eMthatha kanti uthando lokuba uDJ luqale ngama-90s. Udlale kakhulu ezindaweni zobumnandi waze wasayinwa yisitebele sikaCoffee, iSoulistic Agency, ngaphambi kokuzimela ngo-2015.
Uthe yize engasekho ngaphansi kwesitebele sesihlabani esidume umhlaba wonke, uBlack Coffee, kodwa lo DJ abasondelene naye kakhulu, usalokhu eqhubekile nokumeseka.
“Yize ngaphuma ekusebenzeni ngaphansi kukaCoffee kodwa singabangani abakhulu. Asixabananga kodwa kwaba wukukhula ngoba wathi sengifunde ngokwanele, sengingazimela,” kusho uKabila.
Uthe namanje lo DJ usameseka ngoba ingoma yakhe entsha, iSuka, ayenze nenkankha yomculo weJazz, uMadala Kunene no-104 BPM, uBlack Coffee ube ngomunye woDJ abayidlala kuqala.
“Ngiyinike uCoffee noCuloe De Song ukuthi bayidlale phesheya futhi abantu bayamukele kahle. Bheka manje ngimenywe ukuthi ngiyodlala esiqhingini, Ibiza, eSpain emcimbini wokuvala isizini yobumnandi yakhona ngenxa yayo le ngoma,” kuchaza yena.
Uthe useke waya kodlala phesheya kodwa ukumenywa endaweni yobumnandi, iHi Ibiza, yikho akuthakasela kakhulu.
“Ngizohamba ngo-Okthoba ukuyovala khona. Yindawo yobumnandi enkulu leya, emumatha abantu abangu-8 000 futhi ngijabule kakhulu ukuba khona. Kuyiphupho lawo wonke uDJ ukuya kuyo ngoba kuzobe kukhona abantu abafana noLouie Vega,” kuchaza yena.
Uthe iSuka yendlalela i-albhamu azoyikhipha ngoJulayi, i-A New Dawn. Ngo-2020 wakhipha ingoma ethi Tarubawo kanti ngaphambi kwalokho wakhipha iSomnyama eyenziwa kabusha ngabanye oDJ okubalwa kubo uManoo waseFrance.