EMVA kokuba nesasasa nokuthola udumo ngendawo abeyilingisa emdlalweni wethelevishini osanda kuphela kuMzansi Magic, eHostela, asevele ashabalala amathemba kumlingisi oswele uxhaso lwezimali.
UThobani Nzuza waseMlaza obedlala indawo kaMndeni kwiHostela, uthi usesalelwe yizinyanga ezintathu aphunyukwe yiqatha emlonyeni ngenxa yokungalutholi uxhaso lukaR100 000.
Le mali uzoyisebenzisa ukukhokhela izindleko zokuyokhombisa umdlalo wakhe weshashalazi iBoy Ntulikazi eScotland.
Lo mdlalo alingisa yedwa kuwo umenywe ngawo ukuba abe yingxenye ye-festival enkulu yezobuciko i-Edinburgh Fringe Festival ezoqala ngo-Agasti 2 kuya kumhla ka-26.
Izindleko zokuhambisa lo mdlalo kule festival zingaphezulu kukaR90 000 nokwenza adinge uxhaso.
“Kudingeka ngibe nemali yokukhokhela izindiza, ngenze ivisa, ngikhokhele ukukhangisa umdlalo njengoba wamukelwe ukuthi ube yingxenye ye-festival. Iphupho lami liya ngokushabalala kancane ngoba angilutholi uxhaso, kade ngizama ngingqongqoza emahhovisi ahlukene.
Sengiqala nokulahla ithemba ngekusasa labalingisi eNingizimu Afrika ngoba noma ungazama, uma sekumele ulekelelwe akwenzeki. Nangonyaka odlule ngaphunyukwa yithuba lokuyolingisa phesheya ngoba ngingenayo imali yokwenza ivisa, eyokugibela neyokukhokhela nezinye izindleko phambili,” kusho uNzuza.
Lo mdlalo othole ukwesekwa kakhulu eWestern Cape waqopha umlando kwi-festival yeshashalazi uhlomula ngendondo iBaxter Best of Zabalaza ngo-2017 nokwenza kwaba umdlalo wokuqala weshashalazi KwaZulu-Natal ukuhlomula ngendondo.
Eqhuba uthe akakhethile, uzokwamukela noma ngabe wusizo oluqhamuka kuphi, inqobo nje uma ekwazile ukugcina ehambile.
Lokhu uthi kuzomsiza nokwakha amaxhama okuxhumana nabantu abakulo mkhakha wezobuciko kwamanye amazwe ukuze akwazi ukuthola umsebenzi ozofukula nozakwabo. Ngaphandle kwalo mdlalo, lo mlingisi umatasa nohlelo lokusiza izingane ezinezinkinga ezahlukene zamazinyo ngokubambisana nowesifazane owungoti kulo mkhakha, osenesikhathi esebenza ngomphakathi.