UBONGA abalandeli bakhe abame naye kwaze kwaba sekugcineni uBerry Trytsman (30), waseKapa okhale wemuka nesicoco salo nyaka ohlelweni lomculo ama-Idols SA.
Lolu hlelo olufinyelele emaphethelweni ngeSonto, abakwaMultichoice baveze ukuthi nangonyaka ozayo luyaqhubeka njengoba kuzoba khona isizini ka-18.
Ekhuluma ngokuwina kwakhe uBerry uveze ukuthi akakakholwa ngokumehlele.
“Ngiyabonga ukuthi abantu bakuleli bangithandile bangivotela njengoba benginike isicoco sesizini ka-17. Kusenzima ukukholwa namanje kodwa nje ukuba yingxenye yalo mcimbi kuzoyishintsha kakhulu impilo yami. Ukuba ngilahlekelwe ileli thuba bengingeke ngiphinde ngilithole elinye ngakho angizisoli ngokushiya umndeni wami izinyanga ngiyozinikela ekufezekiseni amaphupho ami okuba ngomunye wabaculi bakuleli," kusho uBerry.
UBerry uveze ukuthi ubengaqali ukungenela lo mncintiswano njengoba ngo2010 aba yingxenye yawo.
“Kwisizini yesithupha ngafika ngizozama inhlanhla, kodwa ngaphuma sengikuTop-30. Ngiyathemba ukuthi ukuwina kwami kuzobagqugquzela abanye njengoba bezobona ukuthi ukulahla ithemba akuyona into okumele bayenze kodwa ngokufuna uyifunisise into oyithandayo ungagcina uphumelele ekugcineni,” kusho yena.
UBerry nabahlanu abeqhudelana nabo emaphethelweni alolu hlelo bazoqopha ama-albhamu abo esitebeleni iKalawa Jazmee abama-Idols abasebenzisana naso manje.
Ohlelweni lokugcina izintokazi ezaziyingxenye yalo mcimbi ngonyaka odlule uNdoni noZama zijabulise izihambeli ngezingoma zazo.
AbakwaMultichoice baveze ukuthi maduzane bazomemezela ukuthi kuzoqala nini ukubanjwa kwenhlolokhono yangonyaka ozayo.