USEMEMEZELE izinsuku azohambela ngazo amadolobha akuleli uNkosinathi Maphumulo, odume ngelika DJ Black Coffee, njengoba enemicimbi ehlukene azojabulisa kuyo abalandeli bakhe ezokwaziwa ngeBlack Coffee SA Summer Tour.
Lo DJ isikhathi esiningi asesichitha phesheya kwezilwandle ikakhulukazi ezweni laseSpain, uzobonakala ezindaweni ezihlukene kuthi ngoDisemba 15, abe nomcimbi wakhe omkhulu iMusic is King ozoba seGoli, eTickePro Dome.
Kulo mcimbi uzobe ehambisana nabaculi bakuleli okukhona kubo uNasty C, Burna Boy, Riky Rick noLady Zamar.
Izindaba zokumemezela lezi zinsuku kukaBlack Coffee zijabulise abalandeli bakhe abaningi.
Naye ubhale ku-Instagram ukuthi usekubheke ngabomvu ukuza kuleli.
View this post on Instagram
A post shared by Black Coffee(@realblackcoffee) on Oct 16, 2018 at 12:29am PDT
Ekhuluma ohlelweni luka-Anele Mdoda i94.7 Breakfast Club, emsakazweni i94.7, uBlack Coffee uthe, usekubheke ngabomvu ukuba kuleli.
"Sengilungiselela ukubuya. Abantu basezweni lakithi ngifuna ukubajabulisa njengoba isikhathi esiningi ngifika isikhathi esincane. Umcimbi omkhulu engifuna ukukhuluma ngawo ozoba ngesikhathi sekuqala isikhathi samaholidi iMusic is King. Abantu abaphume ngobuningi kuwona njengoba ngizobe ngihambisana nabaculi abahlukene basekhaya, kodwa bakhona nabanye esizobamemezela maduzane nabo abazoba yingxenye yalo mcimbi," kusho uBlack Coffee.
Kuloluhlu lwemicimbi uBlack Coffee idolobha akhulele kulo laseThekwini uzobuya izikhawu ezine.
Kodwa KwaZulu-Natal uzoba nemicimbi emihlanu njengoba omunye uzoba seNewcastle, ngenyanga ezayo endaweni yobumnandi iScrapyard.
Ezinye izindawo azozihambela iseKapa, Pitoli naseGoli.