Ezokungcebeleka

Ubhoka uyakhahlela uNgizwe ngabazama ukuhlakaza umcimbi wakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ubhoka uyakhahle uNgizwe ngabazama ukuhlakaza umcimbi wakhe. Facebook

UVUKE injebomvu uNgizwe Mchunu kuvela izindaba zokuthi amaphoyisa aqoqise abasizi bakhe impahla njengoba bekwenziwa amalungiselelo omcimbi wakhe wamasiko

Ngokwesimemezelo sohlelo lomcimbi, bekuzokuba nomviliyelo ozozungeza emigwaqeni uze uphelele eGugu Dlamini Park lapho kuzoba nomcimbi wamasiko. UMchunu ukhala ngomholi we-EFF uJulius Malema amsolwa ngokuba ngusomaqhinga ozama ukubhidliza izinhlelo zakhe.

Ekhuluma nabezindaba, uthi ithimba elisebenzayo belixhuma izinsimbi zesiteji ngesikhathi bevinjwa ngamaphoyisa ebaphoqa ukuba baqoqe bahambe kule ndawo.

“Kufike amaphoyisa atshela abebesebenza ukuthi sukani la, sukani la, ebaqoqisa impahla. Ngiyakholwa wukuthi uMalema ukhokhele abantu abathile ukuba bazophazamisa umcimbi wami,” kusho uMchunu.

Uthi umcimbi uyaqhubeka njengokuhleliwe, kodwa uzwakale evuka ngolaka ngesikhathi intatheli ecela ukuba ayiveze incwadi yemvume yokwenza umcimbi.

“Safaka isicelo kusenesikhathi, sayithola nemvume kusenesikhathi ngakhoke konke kuzoqhubeka njengoba sihlelile,” kusho yena.

Isolezwe lizamile ukuxhumana nabakhulumela amaphoyisa kamasipala weTheku kodwa kwangaphumelela.

UColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal utshele leli phepha ukuthi amaphoyisa aqaphe isimo njengoba kungumgomo wokusebenza kwawo ukuqinisekisa ukuthi kunokuthula nokuhleleka emphakathini.

Uthi akekho onelungelo lokwenza umcimbi engenalo igunya, kodwa kungumsebenzi kamasipala ukuqinisekisa ukuthi bonke abahlela imicimbi benza lokho ngokwemvume abayitholile.