ICIKO leHip Hop elibalwa naphambili kuleli, u-Emtee, lithe alazi iyozala nkomoni ngekusasa layo kwisitebele i-Ambitiouz Entertainment.
Kusukela ngeSonto u-Emtee usematheni enkundleni yokuxhumana iTwitter lapho abalandeli bakhe beqale umkhankaso wokucela i-Ambitiouz Entertainment ukuthi imkhulule ngaphansi kwisiqubulo esithi #FreeEmtee.
Amaciko okubalwa kuwona uReason noGigi Lamayne angamanye aphawulile kulolu daba ethi kuyomsiza u-Emtee ukuthi aphume kulesi sitebele asewole inqwaba yezindondo kuso.
Ethintwa yiSolezwe ngomkhankaso oqalwe abalandeli bakhe u-Emtee uzwakalise ukubabonga kakhulu wathi kodwa akazi limuphatheleni ikusasa.
"Okwamanje ngifisa ukubonga abalandeli bami ngakho konke abakushoye ezinkundleni zokuxhumana, nangokukhombisa ukungeseka. Abakhuluma ngakho isimo engikuso njengamanje. Angazi ngizokwenzenjani okwamanje," kusho u-Emtee.
U-Emtee usekhiphe ama-albhamu amathathu ngaphansi kwalesi sitebele, i-Avery, Manando, ne-DIY II. I-Ambitiouz ibingakaphawuli ngalolu daba.
Omunye umrepha oshiye kungakapheli sikhathi esingakanani ejoyine i-Ambitiouz esuka kwiMabala Noise, uGigi Lamayne uthe sekushaye isikhathi sokuthu u-Emtee naye athathe isinqumo ngalolu daba.
“Ngalahlekelwa yikho konke. Ngacishe ngalahlekelwa yimpilo yami uqobo. Ngisaphefumula, konke kuzolunga. Ukushiya indawo ekuphilisa kanzima kuveza umehluko phakathi kwamagala namakhosi. Zikhethele okukufanele,” kubhala uGigi.
Uqhube wathi ngesikhathi eshiya e-Ambitiouz Entertainment wayengenamali.
“Ngangiphatheke kabi, ngingenamali. Ngacise ngafa.”
“Abalandeli bakho bawukhiye. Shiya! Isethembiso sikaNkulunkulu sithi uzophila,” kusho uGigi.
Leaving an unhealthy situation will always separate the cowards from the Kings. Pick a box.
— #Fufa (@Gigi_Lamayne) June 3, 2019
I was at breaking point. Almost lost my life. Super broke. Am I not learning to love and trust my ability? Your supporters are the key in this. Leave! Gods promise is that you will survive !
— #Fufa (@Gigi_Lamayne) June 3, 2019
Phambili lesi sitebele sishiywe amaciko okubalwa kuwo uFifi Cooper, A-Reece, B3nchmarq, no-Amanda Black. Kwakulindeleke ukuthi u-Emtee ayishiye naye le nkampani nokho wathi akayingeni futhi akaqondi kungani kunamaciko akhuluma ngezivumelwano zawo nezitebele esidlangalaleni.
Engxoxweni noPearl Thusi ohlelweni iBehind the Story u-A-Reece waves ukuthi lo mculi naye wayezimisele njengaye ukushiya kulesi sitebele kodwa akazi kwashintsha kuphi.
Kusukela ekhiphe i-albhamu yakhe yesithathu i-DIYII, agcina eshaya ungqimphothwe ngayo wathi empeleni iyiMixtape, u-Emtee ubonakala enganeme kulesi sitebele. Uke wakhalaza ngokungaphushwa kwe-DIYII.
OK so firstly #freeemtee I honestly thought he was arrested 😂
And secondly I just want to ask, how is hashtaging #freeemtee going to change on his contract? Is it going to make @Ambitiouz_Ent consider letting him go? When he is probably their biggest asset? Just asking
— #chikwambo 25 August (@zedaz_pro) June 4, 2019
#FreeEmtee @emteethehustla_ if you leave @Ambitiouz_Ent"Your house GONE, your whip GONE, your wrist GONE, your pages GONE, everything just GONE
I am behind the movement though #FreeEmtee
— Drugs Inc (@atm_saudi) June 3, 2019
Areece Said it #FreeEmtee pic.twitter.com/6BTrJLZdXM
— Thahla (@legend_yanga) June 3, 2019