INTOKAZI eyaziwa ngeQueen of Gqom, uBabes Wodumo, isiwachithile amahebezi asabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili okuthi ikhulelwe.
Kube nesasasa ngesikhathi kusabalala isithombe sayo igqoke ingubo eyenza ibukeke sengathi izithwele.
Kube nemibuzo eminingi ngesithombe sikaBabes esathathwa egubha usuku lokuzalwa.
Iningi lisale nemibuzo ebelingazi ukuthi lizoyiphendulwa ngubani ngoba yena ubengaphawuli.
Kodwa izolo lishone eseqophe ivideo wayifaka ku-Twitter iveza ifiga yayo ithi yona isekude ukuthi ikhulelwe.
“Ngingakhulelwa kanjani nje. Umuntu usebenzile kusho ukuthi nengcebo iyangilandela yikho sekuthiwa ngikhulelwe. Ngisekude ukuzithwala, ubani ozodansa ngoDisemba, nansi neDurban July isiseduzane, ubani ozoshaya amavosho, hhayi ningazodlala nina, ngeke ngikhulelwe mina, okungenani hhayi manje, kuseva, sizohlangana KwaDezi, uzophinde ungithole KwaDanaza,” kusho uBabes ovale ivideo ngokucula ingoma.
Uthe kusho ukuthi abantu ababazi abantu abazithwele.
Ukusolwa kukaBabes ngokukhulelwa kulandela imibuzo eke yaba khona ngendandatho ayifakile obekuthiwa uMampitsha wamthembisa umshado ngayo.
Ekhuluma neSolezwe phambilini uBabes wawachitha amahebezi omshado wathi uzifakele nje indandatho.
Imizamo yokuthola uBabes ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.