UMCULI wegqom’ uBabes Wodumo ukhala ngamavukana afuna ukumenza isitebhisi sokungena emculweni.
Lokhu kulandela ukuvela komunye umculi ozizamelayo wasesifundazweni iMpumalanga, uSphamandla “Yoghetto” Ndwandwe osola uBabes ngokumntshontshela ingoma ethi: iJaiva Phezu Kombhede, apike kuyo uNtando Duma.
UYoghetto ophinde abe ngumsakazi wesiteshi somphakathi i-Emalahleni FM 98.7, uthinte Isolezwe ngeSonto ekhala ngoBabes amsola ngokudla amandla akhe ngoba engakadumi njengaye.
“Ave ngintshontsha bo nami, sekuthiwa ngintshontshe i-Jaiva Phezu Kombhede. Yiculo likaDuma Ntando lelo. Ngambona efake i-video ku-Instagram evusa usisi wakhe, ecula ethi Jaiva Phezu Kombhede, ngawuthanda lowo layini. Ngamcela ukuthi senze iculo. Angiziculi izingoma zabantu mina. Ngicela kuthintwe uNtando mhlawumbe yena uyamazi lo muntu,” kusho uBabes.
Uthe usekhathele abaculi abasafufusa abafuna ukuzakhela udumo ngokuhudulela phansi igama lakhe.
UYoghetto uthe yize izihloko zingafani ncamashi kodwa ingoma kaBabes inezinhlamvu nesigqi esifanayo nesakhe. Isihloko sekaYoghetto sithi: Dlala Phez’ kombhede.
“Eyami iphume ngoNovemba ngonyaka odlule futhi ngiyibhalisile nakwaSamro. Okwenza ngibe nesiqiniseko sokuthi yimina oyiqophe kuqala, yingoba uBabes ubehlelelwa yimina izingxoxo zokumaketha umculo wakhe ngesikhathi ezonandisa emicimbini, abeqashwe kuyona eMpumalanga ngonyaka odlule. Akukho lapho eke wabala khona iJaiva Phez’ kombhede. Ingoma abeyiphusha abethi iyona eyakamuva ngasekuqaleni kukaDisemba ngonyaka odlule ethi Gandaganda,’’ kusho uYoghetto.
UBabes uthe akamazi uYoghetto wathi kodwa mhlawumbe uNtando yena uyamazi ngoba akanaso isiqiniseko sokuthi lezi zinhlamvu ezithi jaiva phezu kombhede wazithathaphi.
UNtando naye uthe akazani naYoghetto, kodwa kuyamcacela ukuthi ungomunye wamavukana afuna ukugqama ngabo. Uhlukekile nawukuzibamba wavele walibeka ngembaba ukuthi uYoghetto “uyabadakelwa”.
“Namanje isekhona le video ku-Instagram wami ngangivusa usisi wami ngathi Jaiva Phezu Kombhede kuvuka umuntu. Ngangingazitsheli ukuthi kungaba yiculo ngaphambi kokuthi ngithintwe uBabes,” kusho uNtando.
Akukhona okokuqala uBabes Wodumo esolwa ngokweba ingoma. NgoSepthemba nyakenye usolwe ngoDJ ababili baseThekwini uLuvuyo “DJ Luvas” Njeje noLungelo “Pluto” Ntombela, ngokuntshontsha uGandaganda.