UMCULI wegqom' waseThekwini, uThandeka Mkhwanazi osaziwa endimeni yomculo ngoTDK Macassette, uphume umkhankaso wokuqhakambisa lolu hlobo lomculo e-Europe jikelele.
Le ntokazi ebuye yaziwe ngeleGqom Barbie, isanda kushiya abathandi bomculo wokujuxuza baseNew York, e-USA bekhexile.
Bebehlatshwa umxhwele ngumucu wayo omusha othi Left Right ngoJuni 16.
Ngenyanga ezayo uTDK Macassette uthe uzoqala ukusabalalisa lo mculo ekhonsathini lakhe lokuqala elise-Ebony Club eKoln, eGermany ngenyanga ezayo.
Uthe ukuthakaselwa komculo wakhe eNew York yikho okumvulele iminyango.
“Abantu bakuthanda ukunandisa kwami, ikakhulukazi indlela engidansa ngayo nengihambisana kahle ngayo nezinsimbi.”
U-TDK Macassette uzobe ehambisana nomunye wophrojusa abayizingqalabutho zomculo wokujuxuza oshisa izikhotha kulezi zinsuku, Amapiano, uKabza De Small, osanda kwenza icwecwe elisha noMaphorisa elithi Scorpion Kings.
U-TDK Macassette noKabza De Small bazobe beshiyelana inkundla noDJ Sotho’ Bae noDJ Freega emcimbini obizwa nge-Amapiano Euro Tour ngoLwesihlanu lwango-Agasti 2.
“Abantu sebetholile ukuthi umculo wegqom nowa-mapiano unezinsimbi ezimnandi.
“Angisho ukuthi iculo lami lingamapiano kodwa liyigqom kodwa ethakwe nesigqi nezinongo zamapiano,” kusasho uTDK Macassette, oqale ukwaziwa ngengoma eyayithi Korobela ngaphambi kokuduma ngethi Domoroza nethi Zama.
Abaningi bazomkhumbula ngenoni elasusa umsindo phakathi kwakhe nesihlabani esinguphrojusa, uDJ Maphorisa elalithi iWalk Yephara.
Sekuyindaba endala ukuthi leyo ngoma yagcina seyenziwa kabusha nguMaphorisa ngokubambisana noZulu Mkhathini noMoonchild Sanelly.
Ngaphambi kokuduma ngomculo, uTDK Macassette uqale enza uhlelo lomuntuza kuKhozi FM ngemiGqibelo.
Ungumnikazi wenkampani ehlela futhi ibuye ikhangise imicimbi, iTDeeiosion Communications Management.
Usanda kuphothula iziqu zePublic Relations Management abezenza eDurban University of Technology phezu kwezobuntatheli azenza eBoston College.