NGEMUVA kokugxekwa nokusolwa ngokucwila kwizidakamizwa, umrepha walapha eNingizimu Afrika useveze ukuthi akasazilokothi.
U-Emtee wodumo lwengoma ethi Roll Up, usanda kuphoxa inqwaba yabalandeli bakhe ngesenzo okwakukholakala ukuthi sadalwa yizidakamizwa.
Emasontweni edlule kwaqubuka i-video yakhe esesteji enandisa emcimbini owawusePolokwane kodwa, ebonakala sengathi kukhona akuthintile.
Isolezwe ngeSonto layibona le video yodumo.
Kule video, u-Emtee, usuke ehluleka nawukucula kahle izinhlamvu zengoma yakhe, entengantenga esteji. Kuyona ubonakala evuma phansi, ewa, okuyinto eyakhathaza abaningi kwezikaqedisizungu.
Ngemuva kokuzama ukuphunga umlilo ngalolu daba, u-Emtee ugcine ephefumule ngalo kuTwitter lapho ebhale khona indatshana ebicacisa ngempilo yakhe nokuthinta yena.
“Ngimsulwa manje kuzona zonke izidakamizwa. Angisabuphuzi utshwala futhi ngiyabonga ngakho konke ukwesekwa engikutholile. Ngibuyile manje,” kusho u-Emtee.
Uqhube wathi ubevame ukwenza umculo wakhe ebukhile.
Lokhu uthe akungakhuthazi nabanye ukuthi bazame ukuba nguyena nokuthi bancintisane naye ngoba lokho kusho ukuthi bayamhlambalaza.
“Ningangehluleli futhi ningayeki ukungeseka,” kusho u-Emtee.
Uthe kusukela manje usekhuluma izinto ezinenqubekela phambili kuphela.
Imizamo yokumthola acacise kabanzi ngabekuqondile, ayiphumelelanga.