U-Ayanda Ncwane, umfelokazi womculi wowokholo, uSfiso Ncwane uthi kwakumphatha kabi ukubona abaculi becula izingoma zikamyeni wakhe ngesikhathi esanda kushona.
UNcwane washona ngoDisemba ka-2016 ngemuva kokugula.
Ngemuva kokushona kwakhe, kunabaculi ababecula izingoma zakhe nokwaze kwenza u-Ayanda wakhipha isitatimende ebaxwayisa ngalokhu ethi kumele bathole imvume enkampanini iNcwane Communications, eyengamele umculo kaNcwane.
Uthe kwamphatha kabi ukushona komyeni wakhe.
“Ngangicasukile futhi ngathatha isikhathi eside ukuphola. Abanye benu bangibuzile ukuthi angiyenzi ngani ikhonsathi yokumkhumbula, bengingakwazi.
“Njalo uma senza imicimbi yethu ibithi iphela ngisuke sengiqukulwa sengiyiswa emotweni ngoba ngangiquleka ngenxa yokuthi ukuhlala ngibuke abaculi bowokholo becula kwakungiphatha kabi,” kusho u-Ayanda.
Uthe ubengasayi ngisho ukuyothamela imicimbi yowokholo.
“Bengicasuke isikhathi eside kodwa ngifuna ukusho ukuthi uSfiso akafanga, kodwa waphindeka kaningi.
”Ngiyambona kinina (esho abaculi bowokholo), angidlali. Ungathi kukhona akuphephetha kubo bonke abaculi abakhona ababemthanda esaphila.”
U-Ayanda ubekhuluma emcimbini wokukhumbula lo mculi obuseWestville ngeSonto. UNcwane ubezobe ehlanganisa iminyaka engu-45 ephila.
Ekuseni kuqalwe ngokwembulwa kwetshe lesikhumbuzo sikaNcwane.
“Ngiyambona uNcwane kunina nonke. Kunesikhathi lapho esanda kuhamba uNcwane, ngangingathandi ukumbona kini nokuyingakho ngakhipha isitatimende.
“Uma kuhamba isikhathi ngabona ukuthi akukho ngami. Leli gama lale ndoda lisazoqhubeka nokuphila hhayi ngami. Angiculi mina. Lizophila ngani nabanye abaseza abasafuna ukungena emculweni,” kusho u-Ayanda.
Unikeze indodana yakhe endala uNgcweti Makadunyiswe Ncwane (21) umbhobho osagolide kwakucula ngawo uyise noqoshwe igama lalo mculi.
UNgcweti ozibiza ngoMak Ncwane, ukhiphe i-albhamu yakhe ye-hip hop yokuqala ngasekupheleni konyaka odlule. Igama layo yiMak, Myself and I futhi inezingoma ezingu-10.
“Izokwenza uhluke kwabanye. Ngeke ube nantanga kusuka manje kuya phambili, ngithi uwena ohamba phambili emhlabeni jikelele.
“Uqhubeka lapho kwagcina khona umuntu owashiya umaka. Wayelokhu ethi ukuba angilisabi ibhanoyi ngabe umhlaba uyangazi. Kusuka namhlanje abantu ngeke bangibuze ngoSfiso Ncwane, bazombona kuwe,” esho.
UMak uthe akanawo amazwi angachaza ukubonga kwakhe.
“Udaba lwami mina angikaze ngilusho ukuthi ukuhamba kukababa, kwangihlukumeza kanjani. Ziningi kakhulu izinto ezenzakalile kodwa ngifuna ukuthi ngiyanibonga nonke,” kusho uMak.
Kulo mcimbi obekumenywe kuwo abantu abancane ababesondelene noNcwane nomndeni, bekukhona kuwo umsakazi woKhozi uDudu Khoza, umlingisi uNhlanhla Mdlalose nosomabhizinisi uCashflow Ngcobo.
Abanye ngunontandakubukwa weTheku uThah Simelane, umfundisi ongumsakazi uDennis Nzonzo, abaculi bowokholo uMalusi Mbokazi, Sbu Noah, Thinah Zungu, Jumbo, Phindi P nabanye. Uhlelo beluphethwe nguMthunzi Xulu.