SILOKHU sikhule njalo isibalo sababukeli esebeqale umkhankaso wokuba kuvalwe uhlelo lwabaphingayo olusanda kuqala kwithelevishini.
Lolu hlelo olwethulwa uJub Jub olubizwa ngokuthi uYajola 9/9 oluqale emasontweni amabili adlule kwiMoja Love kwiDSTV seluqubule omkhulu umsindo.
Iningi lababukeli likhala ngokuthi lolu hlelo oluthi alufane nse nolwaphesheya kwezilwandle iCheaters lizochitha imindeni liphendule inhlekisa abantu abamnyama. Isibalo sabantu esebesayine kwiChange.org ukuthi luvalwe lolu hlelo sesikhule saze safika ku-890 nokuyisibalo esithembisayo njengoba kufuneka kusayine abangu-1000.
Umsunguli walo mkhankaso uKholofelo Masha unxenxe izakhamizi ukuthi zisayine ukuze kuvalwe lolu hlelo. "Lolu hlelo luyagxambukela ezindabeni zangasese zabantu, okusempeleni luzochitha imindeni," kusho Masha. Ngaphandle kwakhe noNomvula Vilakazi ubekhala esifanayo ngemindeni ezohlukana phakathi.
"Kumele luvalwe lolu hlelo. Kuzobulawana kwenzeke nezinye izinto ezimbi. Okubi ukuthi ukuthi lolu hlelo alubatholeli nosizo lokwelulekwa," kusho uNomvula. ULithalethu Nozulu ukhale ngokuthi lugxile kakhulu kubantu abamnyama nokuzobenza inhlekisa kwezinye izinhlanga.
Abantu basola abanikazi balolu hlelo ngokuyicabangeli imindeni yabantu abavela kulolu hlelo kanjalo nokugxambukela ezindabeni zabantu abathandanayo. UJub Jub ngesonto eledlule usabalalise ivideo echaza ngokukhulu ukuziqhenya ngalolu hlelo.
View this post on Instagram
A post shared by Isolezwe(@isolezwe) on May 31, 2019 at 7:57am PDT
Waveza nokuthi akakhathali ukuthi abantu baphawula bathini ngalolu hlelo kodwa bazoziqondisa izigwegwe kulaba abaphingayo.
Yize kunjalo kodwa kukhona ababukeli abaveza ukuthi abafuni luvalwe lolu hlelo ngoba luzokwenza abantu abaningi bathembeke ebudlelwaneni bezothando.