SEKUNTWELA ezansi ngephupho leminyaka likaSolwazi Joseph Shabalala lokusungula isikole esizofundisa ngomculo womdabu iLadysmith Black Mambazo Music Academy, eMnambithi lapho edabuka khona.
Lezi zindaba zivele esithangamini sabezindaba ebesisemzini kaMshengu eMnambithi izolo. Amalungu eMambazo abezocela izinhlanhla kuMshengu njengoba eqokwe eminxeni emibili kuma-60th Grammy Awards ezoba seMadison Square Gardens, eNew York, e-USA, ngoJanuwari 28.
Isikhulu sikaMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi, uMnuz Brian Xaba sithe sesikhona nesiza sesikole.
“Ikhona nemali esesiyifakile singumasipala. NoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha nowezobuCiko namaSiko uyifakile.
Sesihlanganise uR15 million. Sisaqhubeka nokucela enye,” kusho uXaba.
Ucele osomabhizinisi ukuba bafake isandla. Unxenxe amalungu eBlack Mambazo ukuba acele uxhaso emazweni azohanjelwa yiqembu.
Ilungu elidala kuMambazo * -Albert Mazibuko, lithe lijabule ngokufezeka kwaleli phupho.
Lithe beliphatheka kabi uma lisemazweni libona kuza nezingane ezincane ezinkundleni zokucobelela ngolwazi ngesicathamiya.
“Ziyangijabulisa izindaba engizizwa namuhla ngoba kuningi ebesinesifiso sokwabelana ngakho nabantu bakuleli.
Sengikulangazelele ukuba yingxenye yalesi sikole,” kusho uMazibuko. Uthe abantu baseNingizimu Afrika abakhululeke ngoba bazowudla umhlanganiso emkhakheni weBest World Album ngeShaka Revisited: 30th Anniversary neBest Children’s Album ngeSongs For Peace & Love For Kids& Parents Around The World.
“Kulokhu nginethemba elikhulu. Ngiyazi ukuthi lama-award amabili awethu. Anosihlangabeza esikhumulweni sezindiza khona niyongibona ngiwaphethe,” kusho uMazibuko.
IMeya yase-Alfred Duma uMnuz Vincent Madlala ithe aMambazo awabuye nazo lezi zindondo. Uthe bayawubonga umsebenzi weMambazo. UMshengu uvukwe wusinga wacula naMambazo, yize ebehleli esihlalweni ngenxa yokungaphatheki kahle.
Ucule naMambazo ingoma ethi Ngizobambelela Esiphambanweni neHomeless. UMshengu uyabonakala ukuthi useyaziqinisa.
Uqinise aMambazo idolo, wathi angabi nalo uvalo.“Ngiyazi ukuthi kuba njani uma niya emiklomelweni. Kukhulu okuhle okuzayo,” kusho uMshengu.
Imenenja yaMambazo uXolani Majozi ithe ziningi izinhlelo abanazo njengoba kulo nyaka iqembu ligubha iminyaka engu-58 lasungulwa.
“Imicimbi emikhulu izoba ngo-2020 selineminyaka engu-60,” kuphetha uMajozi.
USbongiseni uthe bebezothatha izibusiso kuyise bese belifulathela leli kusasa.