SEKUVULIWE ukufakwa kwezicelo kubaculi abafuna ukungenela umncintiswano wezindondo owaziwa ngamaSABC Crown Gospel Awards, ozoba ngoNovemba 25, eNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini.
Umcimbi oklomelisa abaculi bokholo kulo nyaka kuzobe kungoka-11.
Okhulumela inkampani ehlela umcimbi nophinde abe umsunguli wawo, uZanele LaMbokazi-Nkambule, uthe amafomu awo ayatholakala emahhovisi abo aseMorningside eThekwini.
“Kukhona indlela entsha endimeni yomculo la abantu bethenga khona izingoma ngohlelo lwamaDownloads. La emculweni wokholo abantu abalunakile futhi abalusebenzisi kakhulu ukuthenga izingoma. Kulo nyaka kukhona nomkhakha omusha ozokwaziwa ngeBest Download, esibona ukuthi uzothakaselwa yiningi sithole nokuthi iyiphi ingoma abantu abayithandile bayifaka kakhulu emafonini abo bese kuklonyeliswa umnikazi wayo kulo mcimbi. Kukhona nowetende esawuqala ngonyaka odlule nakulo nyaka uzobuya njengoba sabona isasasa lawo ngonyaka odlule” kuchaza yena.
Uthe ukungenela kuqale ekuqaleni kwale nyanga sekuyoze kuvalwe ngoSepthemba 28.
“Isasasa likhulu kakhulu selokhu simemezele izindaba zokuthi sekuvuliwe njengoba abaculi betheleke ngobuningi babo bezothatha amafomu okungenela. Siyanxusa nabanye ukuthi bafike isikhathi singakapheli njengoba sivala nje maduzane,” kuchaza yena.
Khonamanjalo uZanele usememe bonke abesifazae emcimbini walo nyaka owaziwa ngeWoman to Woman: Ezikabhoqo Seminar for Women and Young Women, ohlelwa yinkampani yakhe iWorld Gospel Powerhouse.
Kulo mcimbi uZanele uthe kuzobe kuxoxwa ngezinto ezehlukene ezithinta abantu besifazane okukhona kuzo ezothando, imizwa, ucansi, imali, umndeni izingane nempumelelo.
Umcimbi uthe uzoba kusasa ngo-10 ekuseni e-Ambassadors House Ministries, eThekwini.
Kulo mcimbi uthe kungenwa mahhala.