MBALI KHANYILE
ABANTU sebeqalile ukubheka izindawo abazozihambela uma sekufike isikhathi samaholidi okuphela konyaka njengoba isiqala imvunge ehlawumbisela ukuphela komvalelandlini.
Yize abanye sebemi ngomumo belinde kushaye isikhathi sokuvala nesamakhefu abazowathatha, abanye babo babamba bayayeka ngenxa yokuguquka kwezinhlelo.
Lo nyaka ube nomthelela ekuguquleni izinhlelo abantu abasuke benazo njengoba kuneCorona.
Okuhle ngawo wukuthi ube nomthelela ekutheni abantu babhekisise abafuna ukukwenza ngesikhathi sokungcebeleka. Ngokujwayelekile bavamise ukukhetha abakuthandayo nokuhambisana nephakethe labo ngale kokuthi bazihluphe ngokuqhathanisa izindlela zokuzijabulisa kwabo nemali abasuke bezoyisebenzisa.
Lokhu kubanga ukuthi abantu basale bevalekile, sekuphele imali yokuthenga ukudla ekhaya, eyokugibela nekaphethroli uma sebebuya ekungcebelekeni.
Kwesinye isikhathi uthola sebeboleka imali yokuthenga izimpahla zezingane ngaphambi kokuthi zibuyele ezikoleni.
Lokhu akugcini ngokushiya abantu benengcindezi yokungabi namali kodwa nasemqondweni bayaphazamiseka ngoba akube kusaba lula ukuhlela basabalale ngezinhlelo abafuna ukuzifeza.
UNksz Verushka Ramasami, obhala ngezokuvakasha, uthe yize isimo sokuntenga komnotho siguqule izinhlelo eziningi zabantu kulo nyaka, zikhona ezinye izindlela zokuzijabulisa ezingadingi ukuthi abantu basebenzise yonke imali abanayo.
“Ukuphazamiseka kwesimo semali akuchazi ukuthi abantu mabayeke ukuzithokosiza ngezikhathi abajwayele ukungcebeleka ngazo zamaholidi. Ziningi izindlela ezehlukile kunalokho abajwayele ukukwenza abangakwazi ngazo ukugwema ingcindezi elethwa wukushoda kwemali,” kusho uNksz Ramasami.
Uthe iKwaZulu-Natal iyisifundazwe esinezinto ezinhlobonhlobo zokuzijabulisa.
Phakathi kwazo ubalule ukuvakashela emapaki ezinyoni nezilwane zehlathi, ukuvakashisa izingane ema-museum okungenwa mahhala kuwo. Ezinye zalezi zindawo uthe kungenwa ngemali encane elinganiselwa kuR20 umuntu emunye, kuma-museum kungenwa mahhala.
“Njengoba iTheku linenkundla yezemidlalo eyaziwa umhlaba wonke, ejwayele ukuhanjelwa yizivakashi zamazwe, ngicabanga ukuthi nabantu abahlala kulo abangakaze bazijabulise kuyo inkundla kungakuhle bayivakashele ukuze bazibonele ubumnandi obudonsa izivakashi zakwamanye amazwe.”
Phakathi kwezinto ezingadingi imali exakile ezingenziwa ngabantu abathanda ukungcebeleka, ubale ukuvakasha nomndeni esiqiwini, ukuyophola noma ukuyokosa emapaki, ukuvakasha emadamini anezinto ezehlukene zokuzijabulisa nabangani noma nomdeni.
Okumnandi ngamadamu wukuthi asuke ekhona ama-tour guide asizayo, asuke egade abantu abavakashile ngaleso sikhathi.
Noma begwedla emanzini, asuke eseduze kwabo echaza ngomlando wedamu nezindawo ezisondelele nalo.
UNksz Ramasami uthe kumele abantu bazinike isikhathi esanele kulo nyaka sokwazi kabanzi ngamadolobha abahlala kuwo nangomlando wawo njengoba izindawo zokungcebeleka zithe chithi saka.