UMLINGISI wentandokazi yomdlalo wakuSABC1, iSkeem Saam, uClement Maosa, akathi vu mayelana nokuthembisa khwakhe umshado isinqandamathe sakhe.
NgoMgqibelo le nsizwa elingisa indawo kaKwaito kulo mdlalo okhonjiswa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu, ngo-6.30 ntambama ibigubha usuku lwayo lokuzalwa, ihlanganisa iminyaka engu-30.
Kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ushaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa kuthiwa uguqe ngedolo wacela umshado kwisithandwa sakhe, igama laso eligcine lingatholakalanga.
UPhillip Mabitsela okhulumela iSABC1, uthe uClement ujabule ngesinqumo sakhe njengoba lolu suku elugubhe ngezinto eziningi ezithinta yena.
“Abaphathi balo mdlalo basitshele ukuthi le nsizwa ayikafuni okwamanje ukukhuluma ngodaba oluthinta isinqumo sayo sokuthembisa umshado kodwa kungenzeka kuthi uma kuhamba isikhathi ikhululeke bese ikhuluma ngalo,” kusho uPhillip.
Uthe kuvele ukuthi okwamanje uClement usafuna ukwenza izinto nabantu abasondelene naye njengomndeni nabangani.
UClement ebhala enkundleni yokuxhumana i-Instagram, ubonge abangani bakhe ngokumeseka ngezikhathi zonke.
“Ngiyabonga kuNkulunkulu ngokungigcina izikhathi zonke. Ngembula ikhasi elisha empilweni yami futhi ngibe nesikhathi esimnandi kule mpelasonto. Impilo imnandi uma uyiphila ngokuhlala usondelene nabantu abakuthandayo,” kubhala uClement.
Uqhube wathi njengoba esehlanganise iminyaka engu-30, uzokhula abe yindoda azimisele kukhona konke akwenzayo.
Abangani bakhe, okukhona kubo uDkt Musa Mthombeni nozakwabo ekulingiseni * -Oros Mpofu nomethuli weSelimathunzi uSiphesihle Vazi bahalalisele uClement ngegxathu alithathile empilweni.
Ngisho abalandeli bakhe bamhalalisele kukhona kokubili, ukuthembisa umshado nokugubha iminyaka yokuzalwa.