SEKUVELE ukuthi umlingisi womdlalo we-e.tv Imbewu: The Seed uNokubonga Khuzwayo odlala indawo kaZakithi ukhuleliswe omunye wabaqondisi balo mdlalo, uLungelo Ngcobo.
Ukukhulelwa kwakhe kuthiwa akwehli kahle kunina wengane kaLungelo ozinze eGoli njengoba kuthiwa banosana olunenyanga eyodwa.
Umthombo osondelene nonina wengane kaLungelo ocele ukuthi angadalulwa uthe badumele ngesenzo sikaLungelo sokujola nokukhulelisa uzakwabo.
Uthe ngoJanuwari nonyaka uLungelo uye kubo kanina wengane yakhe asebethandane naye iminyaka eyisikhombisa eyohlawula ingane waphinde wathembisa ukuthi uzothumela abakhongi maduze.
“ULungelo uyiphulile inhliziyo kanina wengane yakhe onosana olunenyanga luzelwe. Wambamba ngoNovemba ngonyaka odlule ukuthi ujola noNokubonga waxolisa, wathembisa ukuthi bazohlukana kanti unamanga. Emasontweni amabili edlule ubone izithombe zikaNokubonga ku-Instagram ezimkhombisa ukuthi ukhulelwe,” kusho umthombo.
Uthe uLungelo waqale waphika ukuthi usemkhulelisile uNokubonga kodwa wagcina esevuma, ethi kwenzeke iphutha.
Uqhube wathi unina wengane kaLungelo uke wazama ukukhulumisana noNokubonga ngodaba lokumthathela uLungelo kodwa wathi ngeke amyeke, bayathandana.
Ethintwa unina wengane kaLungelo, ocele ukungadalulwa uziqinisekisile lezi zinsolo zokuthi uNokubonga ukhuleliswe isoka lakhe.
Uthe le nto imhlukumezile emoyeni, akathandi ukwanda kakhulu ngokumehlele.
ULungelo uzivumele ngowakhe ukuthi unguyise wengane ekhulelwe uNokubonga.
“Ngeke ngiphike ingane yami ngoba kunabantu abangeneme ngesenzo sami. Siyathandana noNokubonga futhi sijabule othandweni lethu,” kusho uLungelo.
Akafunanga ukuphawula ngonina wengane yakhe, wathi akafuni kufakwe izingane zakhe kule nto ngoba ungubaba oqotho, ozondlayo izingane zakhe.
Ephawula uNokubonga naye uvumile ukuthi uyise wengane yakhe Lungelo, wathi ngeke aphawule ngemizwa kanina wengane yakhe.
Uthe unina wengane kaLungelo ubelokhu emlandela ezinkundleni zokuxhumana, ebheke konke akwenzayo selokhu athola ukuthi
bayathandana.