UKHONJWA kwiGagasi FM, okulindeleke ukuthi lenze izinguquko ezinhlelweni zalo ngenyanga ezayo, umlingisi womdlalo Imbewu: The Seed, uRaphael Griffiths.
URaphael ulingisa indawo kaZithulele Bhengu oyindodana kaZimele Bhengu (Mpumelelo Bhulose) noMaZulu (Leleti Khumalo).
“URaphael Griffiths uzojoyina iGagasi FM,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uRaphael ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Omunye uthe umbonile elokhu ephuma engena ezindlini zalo msakazo eMhlanga.
“Uyeza yena futhi uzokwenza uhlelo lwango-1 kuya ku-4. Anginaso isiqiniseko ukuthi u-1 kuya ku-4 entathakusa noma ngoMgqibelo yini,” kusho umthombo.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, akafunanga ukuvuma noma aphike ukuthi uRaphael uzoba ngomunye wabo.
“Isimemo uzosithola lungakapheli usuku lwanamhlanje. NgoLwesine sizoba nesithangami nabezindaba lapho sizomemezela khona zonke izinhlelo zethu,” kusho uKhulekani.
URaphael uzakhele udumo ngokwethula uhlelo, iQ-base 28 kuSABC 2 ngaphambi kokulingisa emdlalweni owuchungechunge iMuvhango lapho ayedlala khona indawo kaVusi Mukwevho.
Kuvela ukuthi unawo amava kwezokusakaza njengoba eke wethula uhlelo kwiThe Playground emsakazweni wakwiDStv, iTransafrica Radio.
Sesike sabika phambilini ngezinguquko okulindeleke ukuthi zenzeke kwiGagasi FM. Kuthiwa uNolwazi Magwaza uzothatha uhlelo obelwenziwa nguNomalanga Shozi, ongasekho esiteshini.
Izinhlelo zango-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama kuthiwa ngeke zishintshe ngoba zenza kahle.
Umthombo uthe okuhlongozwayo wukuthi uDJ Vumar aphucwe uhlelo lwezingoma ezisematheni lunikezwe uHeazy owethula isimo somgwaqo kwi-I Love Mornings.