OWAZAKHELA udumo emdlalweni wakwaSABC2, uMuvhango, edlala indawo kaNony, uPhindile Gwala, usezobonakala emdlalweni wethelevishini oyintandokazi kuleli, Uzalo.
Bese kunesikhathi eside uPhindile engasabonakali kuthelevishini selokhu ashiya isigubhukane kuMuvhango ngo-2017. Esephumile kulo mdlalo, uPhindile (31) uke walingisa emdlalweni weshashalazi owawuthi How Long nasefilimini ethi Looking For Love.
UPhindile uzodlala indawo kamzala kaMaNgcobo (okuyindawo elingiswa nguDawn Thandeka King).
“Uzobe enguDiniwe, okungowesifazane owenza isiqiniseko sokuthi uthola noma yini ayidingayo, ikakhulukazi ngokusabisa. Nalapha uDiniwe uzoba wuhlupho kuMaNgcobo ngenxa yokuthi wazi izimfihlo ezinkulu nezingacekela phansi umshado wakhe noNkunzebomvu Mhlongo (Masoja Msizi). UDiniwe uzobe esabisa uMaNgcobo ngokuthi uma engamvali umlomo uzokhuluma yonke into ayazi ngaye. Ukufika kwakhe KwaMashu kuzofana nesiqalekiso kuMaNgcobo. Ngakho uzomqothula uMaNgcobo ezimalini,” kusho umthombo ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba kulo mdlalo.
Uqhuba lo mthombo uthe uDiniwe uzobuye abe yiwele noLady D (Khanyi Mbau).
“Imvamisa amawele ayezwana kodwa kuzokwenzeka okungajwayelekile phakathi kukaDiniwe noLady D ngoba abazozwana. Bazobe bexabana kakhulu. Empeleni uDiniwe ngumuntu wesifazane onochuku,” kuphetha lo mthombo.
Okhulumela lo mdlalo uKoketso Phala ukuqinisekisile ukuthi uPhindile uzoqala ukubonakala kulo mdlalo phakathi nale nyanga.
“Uzoba wuhlupho kuMaNgcobo ngoba wazi okuningi ngaye akuxoxelwe ngudadewabo uDinekile Lady D. Akaqondakali,” kusho uKoketso.
UPhindile ongowokuzalwa eShowe, uzoqala ukuvela kulo mdlalo ngoNovemba 15 kanye noBonga Dlamini osazoqhubeka nokuba wuMkhonto Xulu. Naye uMkhonto uzokuba wuhlupho kuNkunzi. Abanye abazobonakala kwisizini entsha yoZalo ngobethula uhlelo lwethelevishini iCraz -e, uNkanyiso Makhanya, Thuthuka Mthembu noNoxolo Matula.
Kwenzeka lokhu nje lo mdlalo usanda kukhomba indlela uNokuthula Mabika onguThobile, uGlen Gabela ongumfundisi uVusi Mdletshe noNay Maps Maphalala onguMxolisi.