INTOKAZI yaseThekwini, uZabelo Hlabisa, iwole izicoco emqhudelwaneni wonobuhle bamazwe ngamazwe, uMiss Tourism Worldwide 2018, e-Indonesia.
UZabelo, ophethe isicoco sikaMiss DUT, ulale isithathu kodwa wabuye wakhala wemuka nesicoco seBest Talent nesePeople’s Choice.
Isicoco sikaMiss Tourism Worldwide sihlwithwe ngunobuhle wasePhillipines, uZara Carbonell. UPhacharanan Thiranithitnan, waseThailand walala isibili kwathi isine kwaba ngowaseSiberia, uPekarskaia Natalia.
Ekhuluma neSolezwe ephesheya, uZabelo (24), uthe yize egcine efinyelele e-Indonesia kodwa bekunzima.
“Ekuqaleni bengingacabangi ukuthi uhambo lwami luzoba yimpumelelo. Kunesikhathi lapho kwakukuthi angiphonse khona ithawula. Ngike ngakhala isikhathi esiningi, ngizama ukuhlanganisa izinto kodwa namhlanje ngijabule ukuthi ngifikile la futhi ngamela izwe lami ngempumelelo. Ngigcine sengiqanjwa igama elisha elithi ngiwu-Afrika ngenxa yokusebenza kanzima ukwenza izwe lami ungqaphambili,” kuchaza uZabelo.
Uthe ngesikhathi engenela umqhudelwano ubazi ukuthi akazimele yena kodwa umele iNingizimu Afrika.
“Le ndawo ngiyisebenzele kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni. Ukuthi kube yimi ngedwa ohlabene ngezicoco ezintathu kusho lukhulu kimina. Sengikulangazelele kabi ukubuyela ekhaya,” kuphetha uZabelo.
Wenganyelwe yinkampani yaseThekwini i- Afrikalture Events and Promotions, egxile ekugqugquzeleni ikhono entsheni okubalwa kulo ukukhangisa ngengqephu nasekuhleleni imicimbi.
Umsunguli we-Afrikalture, uKwenzo Ndlovu, uthe ujabule kakhulu ngokuphumelela kweciko labo.
“Uma esebuyela ekhaya uhlela ukwenza i-boot camp yokucija intsha efuna ukungena ekumodeleni ukuze abonge kubantu bakuleli ngokumeseka ohambeni lakhe lokukhangisa. Inhloso enkulu wukuqeqesha abakhangisi abasafufusa ngale mboni yezokumodela nokudlulisa ulwazi alufunde e-Indonesia,” kusho uKwenzo.
Uthe uZabelo uzotheleka esikhumulweni sezindiza saseThekwini kusasa.
UZabelo uzalelwe eMpumalanga futhi waphothula uGrade 12 eMdumiseni High ngaphambi kokwenza izifundo ze-Environmental Health eDurban University of Technology.
Nasemculweni akazibekile phansi njengoba eke wenza ingoma noDJ Kaos yokuhlonipha uR Mashesha weBig NUZ futhi wabonakala kwi-video kaDuncan, Zakwe, Junior de Rocker nekaLvovo.
Ubuye walingisa emdlalweni owuchungechunge, Uzalo. Usewole inqwaba yezicoco emicincintiswaneni yokukhangisa KwaZulu-Natal.