KULINDELEKE ukuthi udonse izinkumbi zabantu umcimbi ohambisana nomjaho wamahhashi wezinsuku ezimbili ngaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo lapho kuzonandisa abaculi abadumile bakuleli.
Umcimbi, iKing Cetshwayo Traditional Horse Racing Event, uzoba sezindaweni ezehlukene, eMpangeni ngoJuni 24 no-25. Umcimbi wamahhashi uzoba ngoJuni 25 eMpangeni Airfield (eMabhanoyini ). Umcimbi womjaho wezimoto wona uzoba ngoJuni 24 edolobheni eRichards Bay, okazime nemfashini uzoba seMfolozi Casino eMpangeni ngoJuni 24 ngo- 5 ntambama.
Kuwona kulindeleke ukuthi kube nomcimbi wamahhashi, okazime nemfashini neminye.
IMeya kuMasipala iKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, ithe ngomcimbi bahlose ukuthuthukisa umnotho eKing Cetshwayo nemiphakathi yakhona emakhaya.
“Sifuna ukuthuthukisa nezokuvakasha njengoba abantu sifuna bahambele imicimbi yalolu hlobo esizoyiqinisa kakhulu ukuthi yenzeke ezindaweni zasemakhaya. Siletha labo saziwayo ngoba sifuna intsha yethu kube nabakufundayo kubona,” kuchaza uNtuli.
Uthe kuyona yomibili imicimbi kuzogqama imidlalo yasemakhaya.
“Kuzoba nomjaho wamahhashi. Lapho sihlele khona ukuthi bonke abazowina bahambe nokuthile. Sizoba nomjaho obalulekile lapho kuzobe kuqhudelana khona abantu besifazane abagibela amahhashi, sifuna ukugxila kakhulu emidlwalweni eyenzeka kakhulu emakhaya ukuze siyikhulise futhi sithuthukise namakhono entsha eyenzayo leyo midlalo. Sifuna umcimbi wamahhashi ufinyelele ezingeni lemicimbi emikhulu efana neDurban July,” kusho uNtuli.
Uthe abantu abanamabhizinisi ahlukene abawenza emgwaqweni bazohlomula ngemicimbi abayenzayo.
Uveze ukuthi emcimbini kuzongenwa mahhala kodwa kukhona amatende abaxhasi bapho okuzobe kukhokwa kuwona.
Uthe uhlelo lwabo ngeke lugcine kuphela eKing Cetshwayo kodwa luzoqhubekela nakwabanye omasipala basemakhaya.
Osaziwayo okulindeleke ukuthi bahambele umcimbi kukhona kubona uSomizi Mhlongo, Jabu Hlongwane, Mdonso, Mondli Ngcobo nabanye.
Khonamanjalo uzoba ngoJulayi 16 umcimbi wamahhashi oba minyaka yonke, owaziwa ngeDundee July.
Umcimbi wethulwe ngoLwesihlanu, eBattlefield Country Lodge, eDundee.
UMnu Vezokuhle Nala waMathole Funeral Services, ongomunye wabaxhasi bomjaho uveze ukuthi kulo nyaka kumenywe abaculi abasezingeni lomhlaba abazodlala bukhoma.
Kulaba baculi kuzobe kukhona u-AKA , Prince KB , Ami Faku, Dumi Mkokstad, Jumbo nabakamasikandi abazobe bekhona nabo bazodlala bukhona.
Uthi amatende azobe esemjahweni azobe eqala ukuba khona njengoba izicukuthwane zizobe zibekwe ematendeni achonywe phezulu, umjaho ziwubuke ziphezulu.