SEKUPHINDE kwahoxa esinye isihlabani sikamaskandi kuMantshontsho Kamaskandi Awards, uPhumlani ‘Imfezemnyama’ Khumalo waMabunjwa wodumo lwengoma ethi Uhlanya Lwami nethi Wayimosha Le nto. Ngesonto eledlule kuphume uKhuzani neGcokama Elisha abakhala ngokungeneliseki ngalo mqhudelwano osuvumbulule omaskanda abaningi okubalwa kubo naMabhenanyawo.
Imfezemnyama iqophe i-video yayifaka ezinkundleni zokuxhumana inxusa abalandeli bayo ukuba bangalinge bayivotele kulo mqhudelwano wezindondo ngoba ayihlanganise lutho nawo.
Imfezemnyama iqokwe ngeqembu layo Amabunjwa kwiBest Male Group lapho iqhathwe khona naMageza Amahle, Amagcokama, Osaziwayo naManguni Amahle yabuye yafakwa nakoweBest Supporters, nakhona etholene phezulu naMageza noSaziwayo.
Ichaza Imfezemnyama ithe ithathe isinqumo sokuhoxa emiqhudelwaneni ngenxa yokwenziwa impatha isikhathi eside.
“Uma kwenziwa izinto kuthiwa Imfezemnyama akufanele isale noma ingabibikho. Kodwa ukwenziwa kwale nto ngisuke ngenziwa impatha, sengenziwe impatha kakhulu.” Uthe kuqale ngesikhathi ekhiphe iCD ethi Omahlalela, athi yashisa izikhotha kodwa wahlulwa ngabaculi abangadumile.
Uthe okumcika kakhulu wukuthi kule miqhudelwano uhlulwa ngabaculi abangekho ezingeni noma kwenzeka iwina ayitholi ngisho indibilishi.
Imfezemnyama yake yaqopha umlando iqumba phansi Indidane kwiBest Male kumaSatma Awards ngo2013.
“Indaba yaMantshontsho ngicela ukungalokhu ngibalwa kuyona kakhulu, angisafuni ukungenela ama-awards.” Ithe nezindondo eke yaziwina isiziphihlizile, ezinye yazilahla ngoba ayikaze ithole ngisho isenti ngazo.
“Angingalokhu ngifakwa kuMantshontsho, angenelisekile ngaMantshontsho akhona. Engikuchazayo bafowethu ngicela nime ukuvota, Imfezemnyama izobe ingekho lapho futhi nanoma yimaphi ama-awards ngizobe ngingekho kuwona,” kuphetha Imfezemnyama.
Okhulumela aMantshontsho Kamaskandi Awards, uZazi Nxele, uthe baphoxekile ngesenzo seMfezemnyama ngoba bebazi ukuthi banobudlelwano obuhle nayo ngisho nakweminye imicimbi. Uthe bekufanele iqale ixhumane nabo ngaphambi kokugijimela kwi-video.
Echaza ngokuqokwa kwabaculi uZazi uthe bekuqale kucutshungulwe abangenile bese kubhekwa nabangangenelanga kodwa abanamagalelo emculweni.
“Sekunabaculi asebezakhela udumo ngokuhoxa kuMantshontsho ezinkundleni zokuxhumana. Bahlulwa yini ukuxhumana nathi ukuze sibakhiphe kahle hhayi ukuthi benze ama-video? Akekho umculi ophoqwayo ukuba angenele.”