SEKUVELE amahlazo ebufakazini obethulwe yizisulu zokuhlukunyezwa ngokocansi ecaleni elibhekene nomculi weR&B uR Kelly njengoba kuthiwa wayeshushumbisa izingane ezisencane ngeminyaka ngenhloso yokuzitika ngocansi ngazo.
Imithombo esondelene naleli cala itshele iTMZ ukuthi kunemigilwa ebiyethula ubufakazi ngoLwesithathu ngamacala abhekene noR Kelly. Kulobu bufakazi kuvela ukuthi ithimba likaR Kelly ilona ebelenza izinhlelo zokushushumbisa imigilwa ziyiswa kuR Kelly futhi kungalandelwa imithetho yezwe yokuvakashela kwelinye izwe.
Kuphinde kwavela nokuthi lo mculi wake waphazamisa ukusebenza komthetho ngokukhokhela omunye wofakazi ukuthi angabethuli ubufakazi ecaleni elalibhekene naye elithinta ucansi ngo-2008.
Kuleli cala uKelly watholakala engenacala. Kuthiwa kwakhokhelwa nomndeni walo mgilwa ukuthi wenze isiqiniseko sokuthi indodakazi yawo ingabethuli ubufakazi.
Ngaphandle kokukhokhela ofakazi, kuthiwa uKelly nethimba lakhe basabisa imigilwa ngokuthi bazoyenzakalisa uma ike yafakaza kuleli cala.
Nangesikhathi seliqulwa icala kuthiwa ofakazi bahlelelwa iholidi lokuthi bazikhiphe ukuze kube nesiqiniseko sokuthi abezi kulona nangephutha.
Kuthiwa yithimba lakhe elalenza izinhlelo zeholidi ukuze liqhelise ofakazi enkantolo kuze kuphele icala.
Kumanje kuthiwa abashushisi eNorthern District of Illinois bahlanganisa ubufakazi belinye icala elizobhekana noKelly elihlukene nabhekene nalo eNew York kumanje.
Okhulumela iNorthern District of Illinois nommeli kaKelly, uSteven Greenberg banqabile ukuphawula ngalolu daba. - TMZ