EMINYAKENI ezayo uma sikhuluma ngabesifazane abasebenze kanzima futhi abaliphakamisile ifulegi lakuleli ngokuba yisibonelo entsheni, uBonang Matheba (31), ngeke lisale ngaphandle igama lakhe.
Le ntokazi ngihlangane nayo okokuqala sakhuluma isikhashana emcimbini wokwethula osaziwayo abazoqhudelana kumaDStv Mzansi Viewers Choice Awards, akade eseGoli, emasontweni amabili adlule.
Kulo mcimbi ubengumphathi wohlelo, kanti kuzophinde kube nguyena ongumphathi wohlelo emcimbini omkhulu ozoba ngoNovemba 24.
Ngifika ngimbona ukuthi ukhona ngacela izintokazi zeMzansi Magic ukuthi zingixhumanise naye njengoba kukuningi engingafisa ukukuxoxa naye.
Kodwa ngenxa yokuba matasa ucele ukuthi sixoxe imizuzu engu-15, kwazise bekukhona lapho ebephuthuma khona.
Le ntokazi inomoya ophansi futhi ikhululekile kodwa isheshe ikucacise ukuthi uma kukhona umbuzo owubuzayo engawuthandi ngeke iwuphendule, konke lokhu ikusho izihlekela.
“Ngizalwa eNorth West futhi ngakhula khona. Kuthe eminyakeni yami yobuncane sasuka khona nomama saya eGoli njengoba ayesebenza khona, nokulapho ngifunde khona ezikoleni ezihlukene ezikhona eGoli.
Bengiyingane ehlakaniphile kusukela ebuncaneni bami, ngazi ukuthi ngifunani empilweni ngenxa yokubona umama esebenza kanzima benobaba, yize base behlukene bengasathandani,” kuchaza uBonang.
Uthe uqede isikole wayofunda eNyuvesi yaseJohannersburg, wenza izifundo zokukhangisa.
“Ngineminyaka engu-15, ngibe nohlelo lokuqala kwithelevishini kuSABC 2, angibange ngisabheka emuva njengoba ngo-2007 ngaya kwinhlolokhono yohlelo lomculo iLive Amp lapho abantu baqala khona ukungazi nami ngabona ukuthi nginekhono elikhulu kunaleli ebengicabanga ukuthi nginalo njengoba ngafunwa yimisakazo ehlukene, izinkampani zaqala ukuthi zingicele ukuthi ngiziphathele imicimbi ehlukene,” kuchaza uBonanga.
Uthe ukuzimisela nokuthanda umsebenzi wakhe yikhona okumbeke lapho ekhona manje.
“Kukhona konke engikwenzayo, okukhulu noma okuncane ngiyazinikela futhi ngifuna konke kwenziwe ngesikhathi. Ngiwumuntu osigcinayo isikhathi ngenxa yokuthi singinika le mali enginayo manje, ngakho ukubona abantu bedembesela emisebenzini abayenzayo futhi bengazinikeli yikhona okubenza bangayi phambili,” kusho yena.
Uthe kuzona zonke izinto asezenzile njengoba esezakhele igama phesheya kwezilwandle, kuleli nasezwenikazi i-Afrika, iphupho lakhe ukusiza intsha ifinyelele lapho ifuna khona.
“Nginomfundaze engisiza ngawo intsha ukuthi ifeze amaphupho ayo. Ngiwumuntu ofuna ukusiza lapho kudingeka khona ukuze sonke siphile impilo esiyifisayo. Ngisho emndenini wami kuyaziwa ukuthi izihlobo zami ngiyazisiza lapho kudingeka khona.
Ohlelweni lwami iBeing Bonang kusukela kwisizini yokuqala kwabonakala umzala wami uPinky, engifuna ukumfaka kule ndima engikuyona, ngimsize lapho kudingeka khona ngoba ngiyambona ukuthi angaya kude futhi okukhulu ukuthi ngiyamthanda ngenxa yenhliziyo yakhe enhle,” kuchaza uBonang.
UBonang uthe ujabule ngokuba yingxenye yomcimbi wokugubha ukuhlanganisa iminyaka engu-100 kwazalwa uNelson Mandela, iMadiba iGlobal Citizen Festival, ozoba ngoDisemba.
“Umcimbi omkhulu lona odinga ukuthi sonke sifake isandla kuwona. Ukuba yingxenye yawo kungenze ngathobeka futhi ngabona ukuthi kuningi okumele sikwenze ukuze iqhawe lethu uTata Mandela singalikhohlwa.
Imicimbi ekhuthazayo ngempela lena njengoba iqhakambisa izwe lethu, ilibeka emazweni omhlaba,” kuchaza yena.
Ebuzwa ukuthi ngabe usebudlelwaneni bezothando njengoba sekukhona owesilisa osolwayo empilweni yakhe kulezi zinsuku, uBonang uvele wahleka.
Ebuzwa ukuthi kungenzeka azwakale emsakazweni ngemuva kokuhamba kuMetro FM, uthe uma ithuba liqhamuka angalithatha ngazo zombili ngoba umsakazo uyawuthanda.
Uthe uyakuthanda kakhulu ukupheka, kwesinye isikhathi uyalishaya ibhodwe uma esekhaya.
Uthe abazali bakhe bobabili unobudlelwane obuhle nabo ngokunjalo nezingane zakwabo.