UKELLY Khumalo uthe icala analo "elokukuthandana nendoda engathembekile eshadile".
UKelly ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana. NgeSonto kuvele imibiko kwiSunday World yokuthi abantu abathathu abadumile nephoyisa bazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela noma yinini ngecala lokuphazamisa ukusebenza komthetho odabeni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa.
Kuthiwe nonina woyeda wabasolwa nabanye ababili baphenywa ngamaphoyisa ngalelisi sigameko esenzeka ngo-2014.
UKelly uthe impilo imfundise ukuthi ayikho into ezoba lula kowesifazane ofana njengaye.
I will fight till my last Breath! pic.twitter.com/G2hZZgiCMz
— #GCWALA! (@KellyKhumaloZA) June 10, 2019
"Ngike ngicabange ukuthi yindlela engidalwe ngayo noma yindlela engiziphatha ngayo? Okanye ngike ngizidonsele noma, ingifanele yonke le nzondo nezinsolo ezihlalwe zibhekiswe kimi noma kuyehlela ngakimi?"
Uthe akaze afune ukudatshukelwa lokho okungasho ukuthi akasiye umuntu futhi akanamizwa.
Uqhube wathi ukhathele ukuba yinto okudlalelwa kuyo.
"Uma ukholwa wukuthi unobufakazi obuqanda ikhanda ngokuthi nginesandla ekufeni kukayise wendodakazi yami noma ngivikela ababulali, kumele ningivalele futhi nilahle ukhiye. Into enginecala kuyo ukuthandana nendoda engathembekile eshadile. Uma kuyilokho engijeziselwa khona, kulungile."
Uthe ngeke athule avumele ukuhlukunyezwa nokusolwa ngento angahlangene nayo.
"Ngisebenzisane nabomthetho ngabanikeza yonke imininingwane. Into engingeke ngiyenze ukuvuma into engingayazi. Ngizolwa kuze kube yisekugcineni ngoba ngiyazazi ukuthi ngingubani."