LIHALALISELWE nxa zonke iciko eselinguDkt Esther Mahlangu (81), elihlonishwe ngeziqu zobudokotela eNyuvesi yaseJohannesburg, eGoli, ngoMsombuluko ntambama.
UMahlangu uzakhele udumo ngemidwebo yakhe yamaNdebele esisabalele umhlaba wonke.
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, uthe kule minyaka edlule uMahlangu akagcinanga ngokuhambela phezulu kuphela kodwa uthwale ubuchule bobuciko bakhe nomlando wase-Afrika ngokuziqhenya.
UDJ Black Coffee uthe: “Siyabonga ngokugcina ubuciko buphila Dkt Esther Mahlangu.”
Umsakazi weGagasi FM, uDJ Le Soul, uthe uMahlangu uwubufakazi bokuthi amanye amaphupho kuthatha isikhathi ukuthi afezeke hhayi ukuthi ashabalale.
Kwabanye abamhalalisele kubalwa nomculi uLira nowayengumsakazi we-5FM uPoppy Ntshongwana nabanye abaningi.
Ekhuluma emcimbini ngesiNdebele, uthe ujabule ngendlela emangalisayo.
“Ngijabule ngezipho abangiphe zona namhlanje. Ngijabule ngeNyuvesi yaseJohannesburg. Ngijabule ngempela. Izikhulu ezenze umsebenzi omkhulu kangaka ngithi makwande lapho zithathe khona,” kusho uMahlangu.
Uthe abakwenze kuyena sengathi bangakwenza nakwabanye nangomuso.
“Ngiyajabula ngokuthi nathi maNdebele sesembatha (amajazi),” kusho yena ehleka.
UMahlangu wazalwa eMiddleburg, eMpumalanga ngo-1935. Ukudweba wakuqala eneminyaka engu-10 efundiswa unina nogogo wakhe.
Useke wasebenza neBMW ehlobisa iBMW 525i Sedan kanti muva nje uhlobise iBMW 750Li Individual. Uke wahlobisa nemisila yamabhanoyi akwaBritish Airways wenza nokunye okuningi.