SEKUPHELILE obekuhlanganise umculi we-Afro pop uKelly Khumalo nesoka lakhe elingumrepha uChad da Don, asanda kuthembisana umshado nalo.
Lokhu kuqinisekiswe ilungu lomndeni kaChad elicele ukungadalulwa ngesikhathi linengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto.
Leli lungu liveza lokhu nje sekuphele isonto abalandeli balezi zithandani bebuza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngabe sebehlukene yini.
Izinsolo zokuhlukana kwabo ziqubuke ngemuva kokuthi uKelly esuse zonke izithombe ezinoChad ku-Instagram wakhe kanti noChad ngokunjalo wasusa izithombe zikaKelly ekhasini lakhe.
Yize abalandeli babo bebelokhu bebuzile ngokuhlukana kwabo kodwa bebengathi vu.
Leli lungu linqabile ukuveza okugqashule igoda lalezi zithandani uthando lwazo obeluvutha amalangabi ngasekupheleni konyaka odlule.
Lithe kuphakathi kukaKelly noChad kodwa angakusho ukuthi uChad uyohlale emthanda uKelly.
“Kubuhlungu ukuhlukana kwabo ngoba uChad ubemthanda uKelly kanti nathi siwumndeni besimthanda. Ngesinye isikhathi izinto zenzeka ngenxa yesizathu esithile. Uma sekwenzekile kumele uvele wamukele. Izinto ezinjena ziyenzeka kubantu,” kusho leli lungu.
Liqhube lathi uChad nomndeni abazimisele ngokukhuluma kabi ngoKelly ngoba sebehlukene.
Liziphikile izinsolo zabantu zokuthi uChad uphikwe idlozi likaKelly okuvele ukuthi uthwasele ukuba yisangoma ngonyaka odlule.
“Asizazi lezi zinto zamadlozi kodwa ngokwazi kwethu ngesikhathi beqala ukuthanda idlozi lamamukela uChad. Abahlukaniswanga yilokho,” kuqhuba leli lungu.
Lithe akusho lutho ukuthi besebethembisene umshado, akuqali ngabo.
Imenenja kaChad, uNorma Mansoor inqabile ukuphawula ngalokhu yathi uChad umatasa nokuqopha i-video yomucu wakhe omusha azowukhipha maduze.
Imizamo yokuthola uKelly ayiphumelelanga ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule.
Kepha ku-Instagram ufake i-video ethi impilo imfishane abantu abayeke ukuthi ungcono usathane omaziyo kunongamazi.
Uthe abantu abayeke ukuvumela ukuhlulwa benze engathi badla ikhekhe elimnandi bebe begwinya izicucu zengilazi.
Uphinde wafaka umbhalo othi ufisela bonke abantu aseke wahlangana nabo uthando noxolo.
Wathi noma behlukane kukuhle noma kukubi ubafisela impumelelo yodwa nokuthi bayithole le nto abayifunayo.