UMSINDO osuswe ukunqoba kwabaculi abebengalindelekile emcimbini wangempelasonto edlule wamaMetro FM Music Awards ngoMgqibelo ebusuku ukubeke obala ukubaluleka kokuvota. UDELI MNCWABE uyabhekisisa
Lokhu kuye kubonakale ezinhlelweni, imincintiswano, imidlalo, imicimbi yezindondo ngisho nasokhethweni lwezombusazwe imbala. Ezinhlelweni singabala wona amaMetro FM Music Awards, South African Music Awards (Sama), South African Film and Television Awards (Saftas), Idols South Africa, ingoma ehlukanisa unyaka emisakazweni, The Voice, Big Brother, ukhetho njalo njalo. Zonke lezi zinhlelo ezingenhla kusetshenziswa ivoti.
Yize kungehli kahle kwabanye kodwa kuye kucace ukuthi kukhona abaseka abathandiweyo babo ngokusho ngomlomo kodwa uma sekufanele bakukhombise ngezenzo, dololo.
Ngempelasonto, abaculi abangaphansi kwesitebele somculo i-Ambitiouz Records neMabala Noise bashanelile kwizindondo. Lokhu kwenze kwakhona abasola ukuthi lezo zindondo “zithengiwe”. Kubaculi abakhalise iningi kubalwa uNasty C noDu Bois. Ukudla umhlanganiso kukaNasty C kowengoma evelele nokugxekwe kakhulu, kodwa bekungasekho okuzokwenziwa ngoba beselikhulumile ivoti, wakhala wemuka nendondo.
IMetro FM eminyakeni edlule ibisebenzisa uhlelo lokwahlulela lwamajaji. Kwanesikhalo emphakathini ufuna ukuzikhethela, kwasekuguqukelwa evotini njengoba nakhona sekukhalwa.
Phezu kwalokho selokhu kwamenyezelwa amagama abazoncintisana bekwaziwa ukuthi umunxa nomunxa uyavotelwa. Ibikhona imikhankaso lapho abaculi bebenxenxa khona umphakathi ukuba uvote. Lokhu bekuphinde kubonakale kwizinkundla zokuxhumana abaculi bencenga abalandeli babo.
Nakhona lapha kube yisimo esifanayo. Umuntu onqobile ngovotelwe. Ophindele ekhaya eshwiba izandla ngongavotelwanga ngendlela yokuthi akwazi ukubehlula bonke abencintisana nabo.
Ukuthi umuntu usebenzise yiphi indlela ukuze avotelwe ngolunye udaba. Okubalulekile wukuthi uma kubalwa kwavela ukuthi ubashaya bonke emakhanda.
Esikhathini sanamanje ziningi izindlela zokuzibeka ethubeni elingcono ukuze uwine. Sekuye kushiyane ukwenza nobuchule kwabancintisanayo ngezindlela ezisetshenziswayo ukuthola amavoti. Izinkampani ezinkulu zikhipha imali enkulu zithengele abathile i-airtime kuvotwe. Kokunye kuqashwe izinkampani ukugaya amavoti nokuyinto engesilo icala.
Muva nje abanye bavula iWi-Fi ezindaweni ezivulelekile kumenye umphakathi noma abalandeli balowo muntu ukuba bavote. Isibonelo esisobala nje nyakenye iMeya yoMsunduzi uMnuz Themba Njilo yakwenza lokhu ngenhloso yokuthi kuvotelwe uNoma Khumalo waseMgungundlovu owayesemncintiswaneni ovumbulula ikhono lomculo i-Idols South Africa. Akawinanga enani uNoma?
Sekuphenduke insakavukela ukubona abalandeli bomculo umaskandi bethenga inqwaba ye-airtime uma bavotele abaculi ababathandayo ukuze banqobe emiqhudelwaneni efana namaSouth African Traditional Music Awards (Satma).
Inzukayikeyi yokungavoti kwabantu ayigcini kwezokungcebeleka kodwa ihlala obala noma kukhethwa kwezombusazwe.
Umphakathi wazi kunesesikhathi ukuthi kunokhetho nokuthi ngobani abazobekwa bamele amaqembu athile. Ukudonsa izinyawo kuvame ukuba nomthelela ongemuhle ngoba abanye bagcina bekhala ngokuthi babuswa ngumuntu abangamthandi noma kuhlulwe abamfunayo.
Lokhu kuke kubonakale uma abantu bediniwe ngenxa yezombusazwe bavele badube ukuvota. Bakhohlwe wukuthi icala likubona abalisebenzisanga ilungelo labo lokuzikhethela kunesikhathi.